
Sign up to save your podcasts
Or


Namhlanje sikhuluma nesilomo sethu sase KZN umama wethu esimazela ezinhlelweni
zikamabonakude. Sigubha iminyaka yeNkululeko engu 30 nakulenyanga yamifilimu sibuka nezindlela u-Simon
Mabhunu Sabela ayenza. I-KwaZulu Natal Tourism and Film Authority igubha ama KZN FILM AND TELEVISION
AWARDS ngalo Mgqibelo 20 July. Esikhuluma naye namhlanje u Dr Thembi Mtshali Jones .
#Ezwenisakhile :Amavolontiya asemaphoyiseni aKwaZulu Natal akhala ngokusalela emuva uma kuqashwa embuthweni, amanye athi sekwedlule iminyaka engaphezi kuka-20 evolontiya. Abanye babo bathi uma beqala kulomkhakha babeholelwa imali engu R2000 ngenyanga. Sikhuluma nabo namhlanje kodwa abathandanga ukudalulwa amagama abo. Sizamile ukuzwa uhlangothi lwamaphoyisa kusukela ngesonto eledlule kepha abasinikanga muntu esingakhuluma naye. Kanjalo nenyunyana yamaphoyisa esifundazweni ayibuyelanga kuthina.
#ukhozifmvabs :Namhlanje sikhuluma no Mnuz Nhlanhla Mthembu onamakhosikazi amabili. U- Mthembu ufisa ukulungisa ubudlelwane bakhe namakhosikazi akhe emva kwezingxabano ezaholela ekutheni uMthembu alale ejele. U-Mthembu uphinde asole amakhosikazi ngokuzama ukucekela phansi ibhizinisi lakhe emva kokuthi bentshontshe amakhasimende akhe bawayisa kwibhizinisi la nkosikazi wokuqala. Sikhuluma no Mnuz Mthembu,
#Ukhozifmvabs :Halala ku Dr Fezile Mkhize odle isicoco sika Mr Supranational. U-Dr Mkhize ophinde aziwe ngelika Dr Bae ungowase Gamalakhe eKZN kanti futhi ungowokuqala owase Ningizimu Afrika ukusithatha lesicoco. Lomncintiswano ububanjelwe ePoland ngesonto eledlule. Ngaphambi kokuthi sikhulume naye, ake sizwe iclip lapho bememezela ukuthi usedle umhlanganiso.
#Ukhozifmvabs :Yvonne Chaka Chaka uzobe ehlonishwa emcimbini obizwa nge Legends and Legacy Ball Africa Awards lapho kuzobe kugujwa iminyaka engu 30 yentando yeningi ozobanjelwa eSandton City eGoli kusasa. Sinenjabulo yokuxoxisana ne Princess of Africa.
Ushiye kukhalwa umlilo wequbula kusha izindlu nempahla ezifundazweni zaKwaZulu Natal