Sign up to save your podcastsEmail addressPasswordRegisterOrContinue with GoogleAlready have an account? Log in here.
Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family... more
FAQs about Ezomndeni:How many episodes does Ezomndeni have?The podcast currently has 1,157 episodes available.
November 17, 2022Ukulungisela ukukhishwa ejele kowakwakhoNinazo iziluleko zowesifazane omkhwenyana wakhe usezophuma ejele?Umnyeni wami ubetoke iminyaka emithathu,usezobuya ngenyanga ezayo.Ngilangazelele ukubuya kwakhe ,ngibe sebudlwaneni obumnandi isibili naye ,kodwa khona lapho futhi ngizizwa nginovalo.Angikwazi ngqo ngqo engingakulindela.Ningangisiza?...more5minPlay
November 16, 2022Ubuzali enganeni esikhulile kube kukhona ezisencaneSingaba ngumzali kanjani wengane endala kube kunezinye ezisencane ekhaya ezimbili? Zintathu sezizonke izingane zethu : umfana nentombazana esise- high school ,nendodana esiphakathi ko 20.Lo omdala izinto azimhambelanga kahle ukuyobheka impilo osekumphoqe abuye ekhaya okwesikhashana.Siyabona usemdala futhi kumele simlawule ngokwehlukile ngokwemithetho ,nokho sisabela umthelela engenzeka kulaba abancane .Zikhona iziluleko eningangipha zona ?...more4minPlay
November 15, 2022Ukwehliswa isithunzi uwakwakhoNgenze njani uma uwakwami ekhuluma okungeyikho kumbe okungiphoxayo emndenini noma kubangani? Angicabangi usuke ekuqondile kodwa mina kugcina kungehlisa isithunzi.Sekuyiminyaka yenzeka lento.Ekuqaleni ngangiye ngimlinde size sibe sobabili bese ngigonyuluke kuye.Manje sekuvese kwadlanga futhi sengibona kungcono ngivese ngingasalindi manje kodwa ngimdumele khona esidlangalaleni ze ngivikele isithunzi sami.Yikuphi eningakusho?...more5minPlay
November 14, 2022Iminmgcele emshadweni evikela ukusiza owobunye ubuliliAngeke walokotha ukuthathe kancane ukuklama umngcele emshadweni wakho. Ubudlelwano emishadweni eminingi sebube nduvunduvu ngenxa yokungakali imingcele ecacile, yagcina ingena esonweni.Ngakube indoda eshadile ingasiza owesifazane oshadile ngezinkinga zakhe zomshado bebobabili?...more5minPlay
November 13, 2022Ukubhekana nobungane bokunganaki‘Ngingamqondisa kanjani umfanawami onkambo ikhombisa ukungakhuli ngengqondo ? Hhayi ngoba engezwa kodwa ubudedengu nje.Isibonelo nje akazibeki izinto zakhe ,uvese ashiye ibhola lakhe la lingantshontshwa kalula khona,ashiye kanjalo izicathulo namathoyizi.Kwenziwanjani ?...more3minPlay
November 10, 2022Uwakwami uhlukumeza izingane ngokomzimbaUmnyeni wami akakaze abe ngonodlame kimi ,nokho kuluduba oluhlukile ngamalengiso mase kuziwa kubantwana bami .Uvama njalo ukubabhaxa,futhi useke wabalimaza kaninganyana .Ngifuna ukuvikela ,nokho ngiyesaba ukuthi lokho uzokuthatha kanjani uma ngimphonsela inselelo .Yikuphi okumele ngikwenze ?...more5minPlay
November 09, 2022Ukuphila nowakwakho onengcindezi yehaba-kucabangaNinazo iziluleko kophila nowakwakhe ogcine eseqhoqhobelwe imidanti engenasidingo ? Kimi sekuyacaca ungenwe wukucabanga ngobuhaba.Uhlala njalo exwayile ekhathazekile .Akalali engabhekaka isicabha kashumi .Ngihola kahle ,kodwa uhlala ekhala ngokuthi wesaba kungenzeka sihlulwe zindleko suku lumbe Sekuqala ukungisanganisa lokhu ,kukhona enikuphakamisayo ?...more4minPlay
November 08, 2022Uwushiya kanjani umsebenzi e –office bese ube ngosemndeniniIzimfuno zemsebenzi edla isikhathi kanye nesindayo zinkulu, bese kuphenduka inselelo ukuthola isikhathi sakho nomndeni okuyinto esemqoka Esikhathini sethu esigijimayo, nala khona i-technology isigcina simatasa nangeminwe yethu sihlala sikwezokuxhumana, kubiza ukukuqonda ngqo ukwenza isikhathi nomndeni ikakhulukazi la khona ukudinga....more5minPlay
November 07, 2022UMusa ,umthetho ,nokukhuluma iQiniso ngothandoNgingama kanjani eqinisweni likaNkulunkulu kodwa ngingabi ngowahlulelayo ? Ngingumuntu okhulumayo ngokholo lwakhe ,okugcina kwenza abantu bangiphonsele inselelo .AmaKhrestu amaningi kulezinsuku azi ukuthi ungaba likholwa wenze nantoni oyicabangayo bese uyasindiswa ngomusa nesihawu seNkosi.Banomqondo wokuthi umhlatshelo onguKhrestu unamandla phezu komthetho okuphetha ngokuthi uNkulunkulu angabi nandaba nobuqotho bokuziphatha .Lokhu kuvamisa ukuba yilomqondo ikakhulukazi kwezokuziphatha ngezocansi .Angifuni ukuzwakala ngingozenza olungileyo ,nokho ngikholwa ukuba lomqondo udinga ukuphonselwa inselelo.Ningangisiza ?...more5minPlay
November 06, 2022Ukuhlonza izimpawu zokugxila ophuzweni kothandiweyo wakhoYiziphi izimpawu zokugxila ophuzweni ? Ngikhathazekile ngomkhwenyana wami kodwa angazi noma nginesiqiniseko sokuthi kukhona akwenzayo ngophuzo.Uma ehleli nabangani bakhe bebuka ibhola kwi TV kusuke kuphuzwa utshwala.Nanxa kungenzeki njalo.Kahle hle ngenye yezindlela azivikela ngayo uthi uphuza makungama -weekend noma kune- game .Uthi yisikhathi nje sokuzijabulisa nabangane bakhe ,engekho emsebenzini epholisa ingqondo bezibukela ibhola.Uze ame ekutheni abadakwa bona bathi qhabu nje .Nicabangani ngalokhu ?...more5minPlay
FAQs about Ezomndeni:How many episodes does Ezomndeni have?The podcast currently has 1,157 episodes available.