Sign up to save your podcastsEmail addressPasswordRegisterOrContinue with GoogleAlready have an account? Log in here.
Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family... more
FAQs about Ezomndeni:How many episodes does Ezomndeni have?The podcast currently has 1,157 episodes available.
October 06, 2022Umphostoli Phawuli ngomshado nokuba wedwaKanti ibhayibheli alibuki yini umshado njengeqophelo eliphezulu lesibili ? Njengosemdala engashadile,angizwa neze kahle uma ngibona amakholwa egcizelela kangaka ubumqoka bomshado.Utadisho lwami lomlando lungiholela ekukholweni ukuthi ukuba wedwa kwakuvelele phambilini kunamanje.Izingcindezelo zokubuka kwesiko lamanje lisivala amehlo ukugqqama kwesitatimende sikaPhawuli : “Ngifisa sengathi bonke abantu benganjengami” [ 1KwabaseKhorinte 7: 7] .Ngikholwa ngumunxa lo okumele siwuthathe serious.NgokukaPhawuli ukungashadi kuyiqophelo eledlula wonke .Niyavuma?...more6minPlay
October 05, 2022Ukwehlisa amava engcindezi emndenini wakhoNgingavika kanjani ubushudushudu bami nengcindezi ukuba bungabi nemithelela emibi kunkosikazi nasezinganeni zami? Kwanele ngokwakho ukubhekana nalemizwa edluntulanayo ,kodwa okomcabango wokuthi ngenza ibe nzima impilo yomndeni wami yiwo kanye okunzima ukuwuthwala.Ngenzenjani ?...more5minPlay
October 04, 2022Ukusiza oyisisulu sobhongoza kwezokuxhumanaNgenze njani ngezingane ezithumela imiyalezo ephazamisanayo kwifoni yami ziphinde zithumele amahebezi angamanga ngami ku facebook? Ekuqaleni ngazama ukubaziba ,kodwa isimo sesidlulele okungangokuthi angisafune kulubhada esikoleni .Labantu bacekela phansi impilo yami!...more6minPlay
October 03, 2022Inkambiso yokuziphatha kwengane esikhulile egunyeni labazaliManje njengoba sengedlule ku 18 weminyaka ngiqhubeke ngithobe kumama nobaba? iBhayibheli lithi kumele izingane zilalele abazali bazo [ KwabaseFesu 6:1 ;kwabaseKolose 3 :20 ]manje kukusiphi isigaba lakhona ngizozimela ekulawulweni yibona?...more6minPlay
October 02, 2022Ukubuka ngokwebhayibheli-ubumqoka benkonzo yekamero emshadweniNgakube inkonzo iseqhulwini kangako emshadweni onempilo ? Nakhu okwenza ngibuze .Siyaphikisana nowakwami .Ungitshela ukuthi inkonzo ingcwele yisacramente futhi luyimfihlakalo engcwele ,nokuthi imelwe ukuba yindikimba yobudlelwano bethu .Uze asebenzise kwabaseFesu 5: 30-32 ukweyamisa lenkulumo yakhe.Angivumi mina,emva kwakho konke ,kuningi okungomshado ngaphezu kwenkonzo .Ngaphandle kwebhayibheli uqobo [1 Khorinte 7 :3-5] kubukeka lencwadi iphakamisa ukuthi inkonzo yinto nje yokwenziwa ,hhayi into ejulile yokomoya .Nginomuzwa wokuthi kunabazalwane abakholwa sengathi inkonzo isemqoka ngokungaphezu kwezinga izwi eliyisho ngayo . Niyavumelana nami kulokho ?...more6minPlay
September 29, 2022Umsiza kanjani uwakwakho onengcindeziNgingamenza kanjani umnyeni wami afune usizo ngengcindezi ebonakala imhlasela ?Nginesizathu sokukholwa ukuthi uthwele kanzima kulengxenye ,Kodwa uyenqaba ukuvuma ukuthi lokhu kungaba liqiniso kumbe ukukuthatha serious lokhu okungikhathazile ngaye.Angazi noma impakamo,ukwesaba ,noma okunye okumi endleleni yakhe,kodwa ngiyazi ukuthi lentaba isiqalile ukugingqikela emshadweni nasemndenini wethu .Ngenzenjani?...more5minPlay
September 28, 2022Ukwakha ikhaya nokubuka kwebhayibheli ukusebenzaUkuba sekhaya kungenakanjani ngokwebhayibheli eszihlokweni zokusebenza nokufuzula?Ngihlale ngikuthokozele ukuba sekhaya njengonkosikazi nomama ekhaya .Ngabe sengizwa izinkulumo eziningi ngeqhaza lokusebenza okuwumkhiqhizo ngokwecebo likaNkulunkulu ngoluntu.Kusuka lapho sengibe manqika.Ngisebenzisa isikhathi sami ngilungisa ukudla ,ngisulana namakhala avuzayo odado,ngisulana nekhishi .Ngokwami ukubona akukho nto engiyilethayo ngokomnotho ,ngakho angazi noma lokusebenza kwami kunaqhaza lini ngami emphakathini.Ngingazigqaja kanjani emsebenzini wami kumbe ngiwubuke ngokwesithombe esikhulu ? Futhi uma ngingesiyo ingxenye yawo wonke umuntu,manje futhi umqondo webhayibheli wokuphumula ngokwesabatha ungena kanjani kimi?...more6minPlay
September 27, 2022Ungqubuzano nabazali ngamalungiselelo omshadoSingabhekana kanjani nokungaba ngamathuba okungavumelani aqhumayo kubazali bami ngomshado wethu ozayo?Bagcizelele ukumelana kokuba khona kwamawayini nokudansa kwi -reception.Mina nozoba ngumkhwenyana wami sizimele ngokwezimali futhi sikulungele ukuzikhokhela thina izindleko zonke zomshado .Nokho lokho kungelungise lenkinga ,njengoba uMawami esekucacisile ukuthi ngeke beze bona emshadweni wethu uma kuneziphuzo ezihlohlozayo nemidanso.Eqinisweni lezozinto azikho mqoka kithi .Nokho ngesaba ukuthi uma senzela bona bangagcina besilawula ndlelana thizeni.Senze njani?...more6minPlay
September 26, 2022Umkhuba wokuba izingane zihlale zicabanga sakukhathazekaNgakube umkhuba oqhubekayo wokuhlala ingane ikhathazekile ngengqondo, ungaba nobungozi ekuhambeni kwesikhathi? Ingane yami inalowomkhuba ,sengenze okuningi ukuqeda lokho kodwa lutho ngehlulekile. Kuyangisanganisa lokhu. Yikuphi okumele ngikwenze?...more5minPlay
September 25, 2022Umndeni oxubile ogcina ungophumelelayoNjengoba ngishada isibili ,ngiwumzali wezingane ezizalwa nezingazalwa yimi,yikuphi engingakwenza ukuba isimo sokungena emndenini oxubile sibe ngesenzeka ngesihle,ezinganeni zami,ezomkami,nawo wonke umuntu othintekayo kulendaba?...more6minPlay
FAQs about Ezomndeni:How many episodes does Ezomndeni have?The podcast currently has 1,157 episodes available.