Ngakube isehluleki esinjangami singajabula kanjani? Ngiyazizonda engiyikho nengikukhona.Ngizizonda ngewashing engawashiwe ,amasokisi angcolile agcwele phansi nezingubo endlini,ngomthwalo wezingubo ezi –ngcolile zihlanganiswe nezi clean ,nezitsha ezingcolile ezigcwele indlu yonke.Ngizizwa ngilinuku kunabo bonke abantu emhlabeni .Nempilo yami yezothando nayo imadlabhadlabha kanjalo.Ngizizwa ngingophukile.Angifanelwe ukujabula ,nakuba bengingafanelwe kodwa nginamahloni ukuthi kukhona oyovese aqhumbuke angikhumbuze isemumva lami ngokuthi ngibe mubi kanjani ,khona lapho wonke umuntu uyongizonda futhi .Ningangisiza ?