
Sign up to save your podcasts
Or


Imizamo yeSILO yokugeza ibutho kukhucululwe ipolitiki yamaqembu: Lalela isiqephu sesibili sochungechunge lwephodikhasti ebungaza iminyaka engama-73 yokuzalwa kweSILO esesiNyandezulu.
Izwe Lithini? Lesi yisiqephu sokuqala sochungechunge lwephodikhasti ebungaza iminyaka engama-73 yokuzalwa kweSILO esesiNyandezulu. Ibhalwe nguNhlanhla Mtaka, uMfowakwaNomajalimane, ifundwa nguMuzi Mthabela, ezinkinobhweni nguSihle Khwela, umculo kube nguMbuso Khoza.
Ukuze uthole kabanzi ngalesi siqephu kanye nezinye vakashela isizindalwebu u-www.bayedenews.com
LALELA : Ngabe iNingizimu Afrika isinababusi abasha? Esimweni esejwayelekile abantu bavotela iqembu ukuba libabuse nokho okuqaphelekayo eNingizimu Afrika namuhla wukuthi osekwehlule osopolitiki namaqembu abo sekufezwa zinkantolo. Lokhu kungahle kusho ukuthi amandla evoti kawasasho lutho ukuya phambili. Lalela ukufundwa kwalo mbiko oshicilelwe kwelaboHlanga kuleli sonto. Kufunda uMnu uMuzi Mthabela.
Ifunzamuntu uNomanzi uqhubeka nokufundisa abantu ngenkampani iMhlatuze Water. Lapha simthola exoxa noSihlalo weBhodi uNks uThabi Shange. Lona ngumsebenzi wokubbambisana phakathi kwe-Igunundu Agency noMhlathuze Water
Njengohlelo lokukufundisa aboHlanga ngobumqoka bepolitiki yezomnotho sixoxisana nongoti wezamabhizinisi nombhali kuBayede-Iphepha laboHlanga, uMnu uLindani Dhlomo. Lapha uDinangwe wenaba ngokwakheka kwebhizinisi.
Thamela izifundo ezethulwa ngongoti bezepolitiki nepolitiko yomnotho uMnu uNhlanhla Mtaka noMnu uXolani Dube.
Imiphumela yakamuva iyokhetho e-United State of America ikhomba ukuthi kungenzeka uMengameli uTrump angene ehlazweni lokuba nguMengameli wehlandla elilodwa. Yize lokhu kungasho lukhulu uma kukhulunywa ngesimomazwe, ngakolunye uhlangothi kungahle kuxove ubudlelwane kwabantu ezweni.
From the publisher's feed