Jabulujule 9 -12

#Jabulu Jule - Tea Time no Lady D - 26 May 2026


Listen Later

Ngicela ungifihlisise, ngiyindoda ephila impilo ehlelekile. Nginonkosikazi esengiphile naye iminyaka futhi angikaze ngibheke omunye umuntu wesifazane ngendlela engibukayo umkami. Kuthe ngelinye ilanga sizixoxela emsebenzini nozakwethu, kwase kungena indaba yokuthi abafazi bethu bayalishaya ibhodwe kanti lamantombazane angaganile ayavilapha ukupheka futhi amanye awakwazi ukupheka. Kwakunentokazi eyayizithulele ngesikhathi kunalenkulumo mpikiswano ivele iwumuntu ozothile, yavele yafika ngakusasa ingiphathele isikhaftini ithi izongizwisa isandla sayo ebhodweni.

...more
View all episodesView all episodes
Download on the App Store

Jabulujule 9 -12By ukhozi fm