
Sign up to save your podcasts
Or


Igama lami bengicela lingadalulwa, ngingowesifazane okuma 40s ngokweminyaka. Yazi mama ngibhala lencwadi ngoba ngifuna usizo kumndeni wokhozi. Indaba yami injena. Nginezingane ezimbili eyentombazane neyomfana, le yentombazane ubaba wayo washona le Montana ukhona uyaphila kodwa asisazwani sineminyanka ewu 7 sahlukana. Manje ngibe sengithola omunye umuntu emva kokuhlukana no baby daddy, manje inkinga lomuntu engizwana naye mncane ngokweminyaka kunami mina ngimdala kuye and yena akanankinga ngalokho. Siyathandana kakhulu kodwa inkinga ikimi mom khoza ile yokuthi ngimdala kuye and ufuna siye kubo manje kodwa mina ngiyesaba ukuthi mhlampe ngeke bangithande kubo njengoba ngimdala kuye, u guy uneminyaka ewu 31, okunye ngike ngakhulelwa ingane yakhe yachitheka futhi umama wakhe uyazi ngalokho, Into embi esingifikela ukuthi ngivele ngimyeke ngize ngacabanga ukubhalela kuhlelo oluthile ngithi abangifunele umuntu ngivele ngimyeke lo omncane kimi, ngoba ngisaba ukubekwa amabala nokubizwa ngamagama.
Sikhuluma ngezingqinamba eziba khona emsebenzini njengoku bhulishwa, ukungazwani nozakwenu noma abaphathi abakhuluma kabi kubasebenzi. Ukuthi ubhekana kanjani naleso simo uma ungumsebenzi ukuze ungangenwa kalula izifo ezingosomathuba
Silandela udaba lwezithandani zaseZimbabwe ezafika la eNingizimu Africa zinganawo amaphepha asemthethweni, zahlala zaze zathola indodakazi eneminyaka ewu 18 njengamanje kanti nayo ayinawo amaphepha ukuba kuleli. Lengane ikhuleliswe umuntu wakhona la eNingizimu Africa ingane yabo inamasonto awu 45 izalelwe la eNingizimu Africa nayo ayinawo amaphepha manje sekumele ibuyele ezweni lase Zim inkinga nakhona idinga amaphepha ayisiqinisekiso sokuthi eyase Zim. Sizoxoxa Mnz Cyril Mncwabe oyi Provincial Manager yakwa Home Affairs ngaloludaba
Ncipha Bugebengu no Brigadier Nduduzo Bhengu oyinhloko yakwa SAPS esifundazweni saKwaZulu Natali ophikweni le Criminal Record and Crime Scene Management Kwa-Zulu Nata
samukela izimbongi ezimbili
From the publisher's feed
Jabulujule with Lady D kuKhozi FM is an interactive magazine show catering for a wide variety of listenership with the aim to deliver information, provide entertainment and build the nation. It…