
Sign up to save your podcasts
Or


Ngibingelele Kuwena Mam Khoza nakumlaleli womsakazo UKHOZI FM, ingama lami ngingu Jabulani wakwa Masikane, ngingumshayeli wetekisi ngineminyaka engamashumi amathathu nesithupha (36 years) , ngidabuka endaweni yase Nquthu Ezicole, ngathandana nowesifazane wakwa Dabhazi, ngonyaka ka 2014, ingane wayithola ngonyaka ka 2015, lona wesifazane wathola omunye wesilisa bathandana kanti mina wasengixoxele ukuthi sengimkhulelisile kuthe engathola umntwana wathi angeke anginike lomntwana mina ngingu lopholo.Ngonyaka ka 2020 umngani wakhe oyedwa wangakubo wangifakela isithombe sengane wathi isono lesi lengane eyekho alivele inqiniso ngazama ukufonela yena lo wangixhapha ngezinhlamba ngathinta indonda yakhe ngayifakela izithombe zami nesengane yabuya Kimi nge voice yathi Cha mfowethu ngiyabona mina nezithombe ngiyazibona, lendoda ayina nkinga nanokuthi siye engazini inkinga la ilomama ozala lengane akafuni nakungibona kodwa asixabananga ngibona ukuthi ubamba indoda yakhe ngengane akezwa lutho nje. Mina ngizokhokha izindleko zolibo fuzo uma evuma ukuthi sibone ngegazi kodwa yena uyalazi iqiniso ukuthi eyami.Ngimile nje lapho , ngicela nje nisixhumanise Mam Khoza, ningincengele yena lona wesifazane.
By ukhozi fmNgibingelele Kuwena Mam Khoza nakumlaleli womsakazo UKHOZI FM, ingama lami ngingu Jabulani wakwa Masikane, ngingumshayeli wetekisi ngineminyaka engamashumi amathathu nesithupha (36 years) , ngidabuka endaweni yase Nquthu Ezicole, ngathandana nowesifazane wakwa Dabhazi, ngonyaka ka 2014, ingane wayithola ngonyaka ka 2015, lona wesifazane wathola omunye wesilisa bathandana kanti mina wasengixoxele ukuthi sengimkhulelisile kuthe engathola umntwana wathi angeke anginike lomntwana mina ngingu lopholo.Ngonyaka ka 2020 umngani wakhe oyedwa wangakubo wangifakela isithombe sengane wathi isono lesi lengane eyekho alivele inqiniso ngazama ukufonela yena lo wangixhapha ngezinhlamba ngathinta indonda yakhe ngayifakela izithombe zami nesengane yabuya Kimi nge voice yathi Cha mfowethu ngiyabona mina nezithombe ngiyazibona, lendoda ayina nkinga nanokuthi siye engazini inkinga la ilomama ozala lengane akafuni nakungibona kodwa asixabananga ngibona ukuthi ubamba indoda yakhe ngengane akezwa lutho nje. Mina ngizokhokha izindleko zolibo fuzo uma evuma ukuthi sibone ngegazi kodwa yena uyalazi iqiniso ukuthi eyami.Ngimile nje lapho , ngicela nje nisixhumanise Mam Khoza, ningincengele yena lona wesifazane.