Sign up to save your podcasts
Or

Ngiyabingelela kuwena Mam Khoza nakumlaleli woKHOZI FM ngicela
ukuzifihla igama. Ngiyafisa ukucaciseleka ngesintu, uma singabantu abasha
engekho umuntu onguBaba ongasifundisa asicacisele senza iziznto
ngendlela engasiqhatha nabantu abadala,
Ngicela ningikhanyisele lapha ongabanolwazi lapha Mma Khoza, Yazi
umama wami wahamba ekhaya washiya umuzi wabuyela nathi kubo
siyizingane, ngeminyaka yama-90s lapho ko1995, 1996. sasisebancane
kakhulu.
Umama noBaba babengakashadi kodwa ubaba wayelobolile futhi
wayesesithenjini, umama babebathathu kuyena uBaba, owethu umama
kungowesibili. Isizathu sokuhamba kukamama wahamba egula engaphilile.
Wahamba uMama wabuyela ekhaya kubo emuva kokungaphili kahle,
sahamba naye ngoba sasisebancane, wase esishiya nogogo yena waya
eGoli wafike wasebenza. Umuzi wakhe akawushiya wodwa wagcina ubaba
ewuqhaqha ngoba wawusumosheka. Ngingathi umama noBaba base
bengabantu abahlukene ngoba umama wathola enye ingane ngo-1999
komunye umuntu eGoli.
Kunento eyenzeka uMama waba nokugula okwamenza wabuya eGoli
wahlala ekhaya kubo okuyilapho okwashona khona ubaba wami ngonyaka
ka-2006, wangcwatshwa ubaba, wagqoka inzila umama maqede wabuyela
kubo.
Waphinde wabuyela eGoli umama wasebenza futhi lapho akayesebenza
khona. Sakhula siyizingane ngaqeda isikole mina ngaya ekhaya likababa
ngafike ngakha, ngavusa umuzi lapha owawukade ukhona. Waqala umama
wabuyela kulomuzi manje uma ebuya eGoli. Kwathi ngonyaka ka-2021
kwafika isikhathi se-pension kumama wabuya wazohlala kulomuzi
esengiwakhile.
Inkinga yamike ilana ke *** kuthiwa awushadi abazali bakho bengashadile
noma okungenani ushadele ekhabo mama, okusho ukuthi kumele
ngibashadise abazali. Umbuzo wami uthi ngibashadisa kanjani abantu
abebengeke beshade vele ngoba basebehlukene?
Ngaganwa nami ngalobola kodwa sagcina sixabana nomakoti sahlukana
senginomunye manje. Okunye engifisa ukukwazi ukuthi ngililande yini
ilobolo lami noma alilandwa ngoba ngifuna lomakoti enginaye manje ehlale
ngokukhululeka engalibe ebanemicabango yokuthi nginomakoti
engamlobola ngaphambili ngoba usengabuya ethi ngiyindoda yakhe ngoba
ngamlobola kuqala. Ngiyaxolisa ukuba mude Mam Khoza ngiyabonga.
By ukhozi fmNgiyabingelela kuwena Mam Khoza nakumlaleli woKHOZI FM ngicela