
Sign up to save your podcasts
Or


Mama wakwa Khoza ngibhalele ku Tea time ngoba ngixakekile,Ekuzalweni kwethu asigcinelwanga usiko lwako malume, kanti nobaba wethu wayengasi hlawulanga. Zike zabakhona izingqinamba eziningi engike ngahlangabezana nazo, bengiloku nginganaki ngoba bengingako hlakaniphi kangako futhi emuva kokudlula emhlabeni kuka gogo akekho obezikhathaza ngathi, ngisho nezihlobo bekungebona abantu esingakhalela kubo.Isimo sasekhaya asisihle indlu iyanetha kuningi kakhulu okudinga ukulungiswa nakubona ubudlelwane bezothando kuyabheda manje angazi noma lokhu kuba nomthelela yini ngoba vele kungalungi yonke into. Mam Khoza umsamu wasekhaya usufana nento engekho.Ukuze kuqaqeke izinto kumele kwakhiwe indlu yabantu abadala, ngiyafisa ukwazi ikuphi okwenziwayo uma wenza lomsebenzi? Ngicela ningicebise ukuthi ikuphi okwenziwa ngokulandelana kwazo
By ukhozi fmMama wakwa Khoza ngibhalele ku Tea time ngoba ngixakekile,Ekuzalweni kwethu asigcinelwanga usiko lwako malume, kanti nobaba wethu wayengasi hlawulanga. Zike zabakhona izingqinamba eziningi engike ngahlangabezana nazo, bengiloku nginganaki ngoba bengingako hlakaniphi kangako futhi emuva kokudlula emhlabeni kuka gogo akekho obezikhathaza ngathi, ngisho nezihlobo bekungebona abantu esingakhalela kubo.Isimo sasekhaya asisihle indlu iyanetha kuningi kakhulu okudinga ukulungiswa nakubona ubudlelwane bezothando kuyabheda manje angazi noma lokhu kuba nomthelela yini ngoba vele kungalungi yonke into. Mam Khoza umsamu wasekhaya usufana nento engekho.Ukuze kuqaqeke izinto kumele kwakhiwe indlu yabantu abadala, ngiyafisa ukwazi ikuphi okwenziwayo uma wenza lomsebenzi? Ngicela ningicebise ukuthi ikuphi okwenziwa ngokulandelana kwazo