Jabulujule 9 -12

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 29 September 2025


Listen Later

Mam Khoza nginenkinga ngishade nomyeni wami ngo 2023. Kubo bakhonza koFakazi bakaJehova. Thina ekhaya silandela isintu. Sisalungiselela umshado wethu kwakuzinkinga ngoba kwamkhwenyana babengafuni ukuth kuhlatshwe nokubika. Kodwa bagcine bekhulumisene nomndeni wasekhaya bahlaba sashada nje kahle. Sithenge umuzi ke eGoli lasitoha khona nomyeni wami. Inkinga umyeni ufuna ukuhlaba abike umuzi wethu ngo December manje uyasaba ukutshela umama wakhe. Manje angaz ngingasho kanjan.Futhi Kimi kunzima ngoba kuzobe sengathi yimi engimenzisa lezizinto ekubeni yena akakhulunga ngazo. Ngicela ningisize nabalaleli ngenza njani makunje? Ngiyabonga kakhulu yimi ozithobayo ongathandanga ukuzidalula

...more
View all episodesView all episodes
Download on the App Store

Jabulujule 9 -12By ukhozi fm