Jabulujule 9 -12

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 7 May 2025


Listen Later

Ngiyabingelela mam Khoza kuwe nethimba lakho kanye nabalaleli.Ngicela ukungazisho igama futhi
udaba lude kodwa ngizozama ukufinqa.
Ngingowesifazane oseminyakeni yabo 40 okhathazekile ngekhaya lakithi okusolokhu sazalwa
asiyiboni impumelelo kumnyama nje izinto azilungi sengize ngiphatheke kabi ngizwele nabazali
bami ukuthi kanti bayokuthola nini ukujabula emhlabeni sengifisa ukuthola izaluleko noma usizo
mhlampe uma kukhona owake wabhekana nalesimo.
Udaba lumi kanje ngokuzwa umama echaza okokuqala nje ukhulu ozala ubaba wayeshadile
ngaphambi kokuthi ashade futhi kithi manje asazi noma lapho ayeshadele khona wagcagca yini
esigcawini ngoba ngike ngizwe kuthiwa uma umakoti eganile wathelwa ngenyongo usuke
esewalapho kulowomuzi noma angashada kwenye indawo usuke ungekho lowomshado manje
inkinga ukhulu asimboni ngisho emaphuphweni even nobaba imbala akamboni eyingane yakhe
kodwa kulezinyanga ezedlule ke uke wavela kumama ngephupho elijulileManje siyazibuza ukuthi ngabe ngempela akekho yini emadlozini asekhaya shuthi ukulomshado
wokuqala yini Bese kuba okunye okwenzeka umama esanda kufika emshadweni wakhe ngoba
ukhulu wami wayehlala kamnakwabo engenawo umuzi wakhe ngoba wayegula efe uhlangothi
engakwazi kwenza lutho kwaphoqa ukuthi uma abazali bami beshada bashadele khona la
kamnakwabo kaKhulu kwathi ngelinye ilanga kwabizwa inyanga uthi umah kwabaswa umlilo
omkhulu endlini kwabekwa idrum kowo kwafakwa imithi phakathi nayo yonke inhlobo yesikhali
kwase kuthiwa laba bakamnakwabo khulu abafake imali emhlophe phakathi kwase kwathiwa
ukhulu nomama nobaba nobabo mdala owumfowabo kababa bona abafake imali emnyama
okwathi uma ubaba esebuyela emsebenzini ngoMsombuluko wafike waxoshwa kuthe kusenjalo
ubabomdala wathi esemsebenzini enkompolo kwangena umuntu negeja wamgenca waze washona
kusuka lapho zabheda izinto ekhaya.
Mam Khoza lude udaba lwami kodwa ngiyacela uma kukhona ongangipha izeluleko ukuthi
kwenziwanjani uma kunje? Ngiyabonga ngiyothokoza uma lufinyelele udaba lwami kuwe.

 

...more
View all episodesView all episodes
Download on the App Store

Jabulujule 9 -12By ukhozi fm