
Sign up to save your podcasts
Or


NgeSonto usuku olwaziwa njenge World Aids Day ingakho sivakashelwe u-Mandisa
Dlamini, oyindodakazi kaGugu Dlamini owayeyisishoshovu seHIV nowabulawela ukuphumela obala ngaleli gciwane ngo-
#UkhozifmVabs :Lizovulwa ngokomthetho ngeSonto mhlaka 1 December ibhuloho lezinyawo lase Nadi eGreytown eKZN elakhiwa ilungu lomphakathi uMnuz Vumani Shelembe. Uzokhumbula mlaleli ukuthi saxoxa no Mnuz Shelembe ngenyanga edlule owanquma ukuthi akakhe lelibhuloho ngoba ebona ubunzima umphakathi obhekana nabo uma bewela emfuleni iNadi. Lelibhuloho lingaphansi kaMasipala wase Mvoti. Sixoxa no Mnuz Shelembe sizobuye sixoxe neMeya yase Mvoti uMnuz Gabriel Malembe.
#Amandla Omnotho no Gugulethu Xaba Reflecting on Entrepreneurship in South Africa
Ake sizwe kabanzi ngomkhankaso wekomiti loMnyango wezaseKhaya ePhalamende wokulalela
iziphakamiso zomphakathi ngoMthethosivivinyo wezemishado, iMarriage Bill. Esinye seziphakamiso sibandakanya
ukuvikela labo abahlala ndawonye bengashadile ukuze bengasali dengwane uma sekuhlukanwa noma kukhona odlula
emhlabeni. Lesiphakamiso sithinta umuzi kanjalo namanye amalungelo njengoba kwenzeka kulaba abasuke beshadile.
Lomkhankaso uqale ngokulalela izimvo zezakhamuzi zasesifundazweni sase Gauteng kanti ngonyaka ozayo
kuzobanjwa izigcawu kwezinye izifundazwe. Sixoxa no Sihle Ngubane oyilungu lekomiti.
#Ezwesakhile :Buyi Zulu oneminyaka engu 33 uthungatha imoto yakhe ekhonjwa ezweni lase Swatini emuva kokuthi ubaba wezingane zakhe ebambise ngayo kade eboleke u-R17, 500. U-Buyi ongowaKwaDukuza eKZN uthi wathenga imoto ngo 2021 ngenhloso yokulekela ubaba wezingane ukuthi akwazi ukusebenza kepha ngo June kulonyaka ubaba wezingane wanyamalala nemoto waze watholakala emuva kwamasonto ngaphandle kwayo. Ngokuhamba kwesikhathi kwatholakala ukuthi imoto ise Mpangeni nalapho kusolakala ukuthi ubaba wezingane wayebambise ngayo emuva kokuboleka imali. U-Buyi kanye no baba wezingane sebe buya naseMbabane eSwatini nalapho batshelwa khona ukuthi imoto yathengwa ngo R60, 000 ngaphambi kokuthi iwele umngcele. U-Buyi uthi lemoto ewuhlobo lwe bakkie ibiza u-R380, 000. Loludaba luphambi kwamaphoyisa ase Swatini kanye nawase Ningizimu Afrika.
#Ukhozifmvabs :Sixoxa nomshayeli wamatekisi u-Ntuthuko Buthelezi obelethise owesifazane obesefikelwe isikhathi sokuteta. Lesehlo senzeke etekisini ebishayelwa uButhelezi ekuqaleni kwalenyanga. U-Buthelezi oneminyaka engu 25 owasoLundi KwaCeza esigodini sase Magagadolo eKZN kanti unezinyanga ezimbili nje eshayela amatekisi. Yize zivamile izigameko ezifana nalezi kodwa namhlanje sithe ake sizwe lesi esenzekela u-Ntuthuko Buthelezi.
From the publisher's feed
Vee Mthembu and Mroza