Ezweni Sakhile: Sekuvulwe icala ngodaba oluthinta abantu abathi bakhishwa ngendluzula ezindlini zomxhaso kwa H eMlazi.
Uzokhumbula mlamleli ukuthi loludaba sike saluvakashela ngenyanga edlule okwaholela ekutheni loludaba luphathwe ozakwethu
bezindaba zikamabonakude. Sesiyalulandelela ke nathi nomunye walaba abakhishwa ezindlini uBawinile Zuma, kodwa ngaphambi
kokuthi sikhulume no Bawinile, ake siqale sizwe ku Sthenjwa Nyawose owayeyikhansela kulendawo ngasikhathi sesigameko.