Sign up to save your podcastsEmail addressPasswordRegisterOrContinue with GoogleAlready have an account? Log in here.
Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family... more
FAQs about Ezomndeni:How many episodes does Ezomndeni have?The podcast currently has 1,157 episodes available.
December 14, 2021Uphindaphindo Lohlubuko KuMKhrestu uzibuza kaze selweqile yini kwiNtethelelo kaNkulunkuluKukangaki ukuba uNkulunkulu angithethelele angibuyisele kuye futhi? NginguMkhrestu, kodwa uhambo lwami neNkosi lungugqamincishi. Kukaningi ngiyidela iNkosi, okuthi ngingahuhluzeka phansi ngobuso bese ngibona iphutha lesinqumo sami. Kuyinhlalayenza lokhu empilweni yami. Ekuqaleni angicabanganga kabanzi ngakho, kodwa manje sekuyangikhathaza: ngakube sengiseqile isikali sentethelelo ekalelwe mina? Ngabe sengimqede ukubekezela uNkulunkulu? Ngakube yinto le okumele ngikhathazeke ngayo?...more6minPlay
December 13, 2021Ukuhlabela Phambili Emumva KwesahlukanisoNgingabhekana kanjani nobuhlungu be divosi ngicabe indlela entsha yezingane zami name siqu? Ngiyavuma ukuthi ngakhetha kabi. Esibi kunazo zonke ukuthi ngaqhela emndenini wami ngesikhathi kushuba emshadweni wami sengehlulwa ukubhekana nakho.Ngibona manje ukuthi ukuqhela kwami akulethanga kimi kuphela ubuhlungu, kodwa nasezinganeni zami. Osekwenzekile kwenzekile, futhi akukho osekungaguqula ubuhlungu engabudala.Ngizizwa nginecala elikhulu! Ngiphendukele kukuphi manje?...more6minPlay
December 12, 2021Ukukinatelwa zidakamizwa Ukukhetha uwakwakho othembekileNjengomuntu osohambweni lokusinda kwi addiction ,ngingamthola kanjani ozohamba nami kumagxathi anzima okuqala ohambweni lokulapheka? Ninazo iziluleko ekukhetheni umsizi othembekile nokuthi lobobudlelwane bubukeke kanjani ? Ngothokoza kakhulu kweningakuphakamisa ngalesimo....more5minPlay
December 09, 2021Ubudlelwane BomKhrestu Nohulumeni OngenabuNkulunkuluKungani kumele ukuba ‘ngithobele’ uhulumeni engikholwa uhamba lugugube? Ngiyalithanda izwe lakithi futhi ngithanda ukuzibandakanya nombusazwe wezwe wakithi, kodwa ngiyadideka okushiwo yibhayibheli ngalesihloko.Kodwa kwenzeka kanjani ukuthi uPhawuli atshele aMaKhrestu ukuba athobele [Kwabase Roma 13 : 1-7] nxashana kusicacele kahle ukuthi ohulumeni bomhlaba bonakele abanabulungiswa? UmKhrestu enze njani uma ebona ukuthi uhulumeni wakhe awunabuNkulunkulu?...more6minPlay
December 08, 2021Inkonzo yekamero eqophelweni eliphezulu layoNgakube ucansi emshadweni luyanelisa ngempela? Ngisemshadweni onzima, isilonda esikhona phakathi kukankosikazi wami name- wudaba lwenkonzo. Ngizizwa ngincintshiwe. Kwesinye iskhathi ngize ngibe nezilingo zokufisa izidingo zami zigcwaliseke ngaphandle. Ngifunde umbhalo othi abantu abasemshadweni yibo abaneliseke kakhulu ngenkonzo yekamero emhlabeni –akwenzeki nakoyedwa ukweneliseka kothandana nabantu abaningi. Ngithola kunzima kimi ukukholwa yilokho! Angifuni ukungethembeki kumkami, nokho futhi angeke ngiyiphikise imizwa yami, kumbe ngivalele imizwa yami yenkonzo....more7minPlay
December 07, 2021Ukulungisa isimo mqondo esibizwa nge-Obsessive Compulssive Disordersmuphi umehluko phakathi kwe OCD ne OCPD ? Ngididwa yilamagama, okwenza kube nzima ukuthola usizo lokusiza uwakwami, osesimweni [ngokubona kwami] okhombisa ukuba sehabeni ukwenza izinto ngengqondo yakhe.Ningangipha umehluko?...more5minPlay
December 06, 2021Ukubhekana nobunzima bokuhuhwa ngobulili bunyeIkhona indlela enginganqoba ngayo umzabalazo wami weminyaka ngokuhuhekela ebulilini bunye nobami? Sengizamile ukulwa,kodwa kubukeka kwehlulekeka ngigcina ngenze ngokuzenzakaleka ngokwalemizwa. Ngenzenjani?...more7minPlay
December 06, 2021Ukulungisa isimo mqondo esibizwa nge-Obsessive Compulssive Disordersimuphi umehluko phakathi kwe OCD ne OCPD ? Ngididwa yilamagama ,okwenza kube nzima ukuthola usizo lokusiza uwakwami , osesimweni [ngokubona kwami] okhombisa ukuba sehabeni ukwenza izinto ngengqondo yakhe.Ningangipha umehluko?...more5minPlay
December 05, 2021Ukukhuluma Nezingane Ngezimo EzihlasimulisayoNjengomzali ngingabhekana kanjani nengane yami ,ngezikhathi la khona kunobududu bobuqhuqhu bezibhamu,izimbubhane zemvelo, nezinye izimo ezihlasimulisayo ezingokuthatheka kwempilo ?Ngabe kumele ngenze okuseqophelweni ukubasitha kulololwazi-okuyinto engelula neze ngokwezindaba ezingena zilekanyana kwezokusakaza kulezinsuku? Kumbe ngizame ukukhulama nabo ngakho ?...more5minPlay
December 02, 2021Umphostoli Phawuli ngomshado nokuba wedwaKanti ibhayibheli alibuki yini umshado njengeqophelo eliphezulu lesibili ? Njengosemdala engashadile,angizwa neze kahle uma ngibona amakholwa egcizelela kangaka ubumqoka bomshado.Utadisho lwami lomlando lungiholela ekukholweni ukuthi ukuba wedwa kwakuvelele phambilini kunamanje.Izingcindezelo zokubuka kwesiko lamanje lisivala amehlo ukugqqama kwesitatimende sikaPhawuli : “Ngifisa sengathi bonke abantu benganjengami” [ 1KwabaseKhorinte 7: 7] .Ngikholwa ngumunxa lo okumele siwuthathe serious.NgokukaPhawuli ukungashadi kuyiqophelo eledlula wonke .Niyavuma?...more6minPlay
FAQs about Ezomndeni:How many episodes does Ezomndeni have?The podcast currently has 1,157 episodes available.