UMasipala weTheku uyayichitha imibiko esisabalale ezinkundleni zokuxhumana ethi, labo abafuna ukwenza imicimbi emakhaya kumele bathole imvume kwiMeya yeTheku.
Umbiko ophume emakhasini kaMasipala kwezokuxhumana, uqondene nalabo abahlela imicimbi
emikhulu eheha izinkumbi zabantu efana nama festival emiculo njalonjalo. Lombiko wokucela
izimvume awuqondene nabantu abenza imicimbi yasemakhaya.