
Sign up to save your podcasts
Or


Ulwazi lungamandla kakhulukazi ukuqonda kabanzi ngesimosezwe, inqubomgomo nokuthi yini le ephethwe yilaba ophikisana nabo.
Njengesakhamuzi kumqoka ukwazi ukuthi uhulumeni kuwo wonke amazinga usebenza kanjani. Lokhu kuyakuweza kokuningi.
Kuyishwa ukuthi uBukhosi base-Afrika kusaliqaqa kwabezindaba, intandokazi ngamaNgisi nabafo jikelele.
Ngeshwa lethu ipolitiki yamaqembu seyikapakele nakuhulumeni lapho nsukuzaphuma sibona abaholi nezimpelesi zabo zithelana ngodaka zisebenzisa izinhlaka nemisebenzi kahulumeni.
Ngenxa yokweqana kwezizukulwane luyancipha ulwazi ngezinsuku ezimqoka nezithinta umlando nefagugu laboHlanga.
Ngenxa yesimo iningi laboHlanga ababhekene naso sekuyanda ukungahlonishwa kwabo nokwenziwa ngisho amaholi imbala.
From the publisher's feed