
Sign up to save your podcasts
Or


Kuleli binza uMtaka uveza ukuthi kukhona esingakufunda ekwenzeni kukaMnu uZuma noMnu uMalema, uthi bobabili babhekane nezigameko lapho besebenzise ubuchule bobuholi nolwazi lwabo lwepolitiki yeqembu.
Lapha uMtaka uxwayisa uMengameli we-African National Congress (ANC) neNingizimu Afrika nohlobo lwabangani ahamba nabo nathi kungekudala uzogaxela.
Ukuqembuka kokaMagwaza-Msibi kusho ukukhula kwepolitiki yamaqembu kuleli. Nokho lenhlangano isengozini yokuhubha onogwaja ababili okuyi African National Congress ne Inkatha Freedom Party.
UMtaka uthi kupolitiki amacala babili; elokwenza nalelo lokungenzi nathi yiyo inkinga ekhungethe uKhongolose eMsunduzi.
Umvoti naloyo ozovotelwa banamalungelo afanayo kumthethosisekelo nokho kubukeka engaziwa noma engahlonishwa nhlangothi zombili.
Lapha uMtaka ubuka ipolitiki yezomnotho kuleli ugxile kwaboHlanga, abakhi bezimoto bengazigibeli.
Ngenxa yesimo iningi laboHlanga ababhekene naso sekuyanda ukungahlonishwa kwabo nokwenziwa ngisho amaholi imbala.
Iphutha lohulumeni namaqembu epolitiki e-Afrika wukusukela umhlola ufakwe esikhundleni ungenawo amava.
From the publisher's feed