
Sign up to save your podcasts
Or


NgokukaJohane 1:16 - Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.
Send us a text
Isaya 30:18 - Ngalokho uJehova uyakulindela ukuba abe nomusa kini; nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamhlalelayo.
Send us a text
Isaya 30:15-17 - Ngokuba yasho njalo iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, yathi: “Niyakusindiswa ngokuphenduka nangokuphumula, amandla enu abe ngukuthula nangokwethemba; kepha anithandanga.
Kodwa nasho nathi: ‘Qha, siyakubaleka ngamahhashi,’ ngalokho niyakubaleka: ‘Sikhwele anejubane,’ ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane. Inkulungwane iyakubaleka ngokusongela koyedwa; ngokusongela kwaba yisihlanu niyakubaleka, nize nishiywe njengensika esiqongweni sentaba nanjengebhanela phezu kwegquma.”
Send us a text
Amahubo 34:17-19 Labo bayakhala, uJehova uyezwa; uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo. UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo. Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.
Send us a text
2 KuThimothewu 2:20,21 - Kepha endlini enkulu akukho izitsha zegolide nezesiliva kuphela kodwa nezemithi nezebumba, ezinye ezihloniphekayo, ezinye ezingahloniphekiyo; ngalokho uma umuntu ezihlanza kulezo zinto, uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe umsebenzi wonke omuhle.
Send us a text
KwabaseFesu 4:26,27 - Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. Ningamniki uSathane indawo.
Send us a text
1 KwabaseKhorinte 13:4,5 - Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi; aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu.
Send us a text
Izaga 3:13-18 - Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha nomuntu ozuza ingqondo, ngokuba inzuzo yakho inhle kunenzuzo yesiliva, nokutholakalayo kukho kunegolide. Kuyigugugu kunamarubi, nakho konke ongakufisa akunakulinganiswa nakho. Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene, nakwesokhohlo kukhona ingcebo nodumo. Izindlela zakho ziyizindlela zokumnandi; yonke imikhondo yakho ingukuthula. Kungumuthi wokuphila wabakubambayo, nababambelela kukho babusisiwe.
Send us a text
KwabaseRoma 12:17-19 - Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke; uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke; ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngoku ba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi.
Send us a text
Jeremiya 32:17 - E Nkosi Jehova bheka wena wenzile izulu nomhlaba ngmandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo;akukho lutho olukwahlulayo.
Send us a text
From the publisher's feed
Ubani ongathi usuku nosuku alunazehlo ezishonisa phansi umphefumulo wakhe, zimshiye edidekile?
Kulesosimo kanye angikutshele ukuth sikulethele iZwi lomphefumulo eliyimzuzu emithathu Vo!…