Dr. kile Mteto, President: SA Women In Plumbing And Trades
(SAWIPT)
Miningi imikhakha abantu besifazane abasantwela kuyo, kuyathokozisa uma
sizwa noma sibona abantu besifazane bekhula ezimbonini abangajwayelekile
kuzo. Singabala imboni yezokuthutha (taxis, buses and trains), ezobunjiniyela,
ezokwakha (construction), ezamamayini, kanye nezobuchwepheshe.
Namhlanje sibheka kumkhakha we- Plumbing. Sikhule sazi ukuthi abantu
besilisa abaphiwe kulomkhakha wokulungisa amapayipi, kwazise,
bekungajwayelekile ukuthi abantu besifazane begqoke amabhuzu nama-
overall. Namhlanje siyabona izibalo zabantu besifazane abangama- artisan
kulomkhakha ziya zikhula, kanjalo nekhona Labantu besifazane kulomkhakha
osulekelele abaningi besungule amabhizinisi abo kuwo, baxosha ikati eziko.