Sign up to save your podcastsEmail addressPasswordRegisterOrContinue with GoogleAlready have an account? Log in here.
Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family... more
FAQs about Ezomndeni:How many episodes does Ezomndeni have?The podcast currently has 1,157 episodes available.
September 08, 2021Ukubhekana Nezimo Eziphathekayo ZowakwakhoEsikhathini sobuhlungu bokushiwa uwakwakho ,kungawumqansa ukubhekana nezidingo zempilo ngaphezu kokuba usabhekene nobuhlungu nokushoshozela kokulahlekelwa ,nokho ngeshwa isisho esizwakala singenasihe esithi:’impilo iyaqhubeka’ siliqiniso kolunye uhla ngoba kunezinto ezisakubhekile ukuziqhuba nakuba usekulileni, sibala : izinto ezisadinga izinqumo ngezezimali....more5minPlay
September 07, 2021Ukubhekana Nowakwakho Osewadlula Ngokuba LateUkufika ‘ngesikhathi’ kungaba yinto oyiqikelelayo futhi eseqhulwini kuwe,kodwa kwabanye kube yinto engathi shu leyo. Sizokhuluma ngalengudlungudlu ephakathi kwabaganene....more5minPlay
September 06, 2021Ubaba Ofuna Ukubuyisa Ubudlelwamo Nezingane AzilahlaUma wenze amaphutha amakhulu empilweni kwenza imiphumela yawo ingagwinyeki.Ungaguqula ukuziphatha ngokuphelele kodwa inqobo nje uma amaphutha owawenza alimaza abantu,kunganzima satshe ukuphinda uthembeke futhi ube nobudlelwane nabo....more6minPlay
September 05, 2021Ubaba Odiniwe, Indodana EdiniweInkambo kayifundiswa kodwa iyenziwa.Ngamanye amazwi ingane yenkalankala yabukela kunina. Lokhu-ke okungaba yinto enhle inqobo nje uma abazali behamba ngendlela abayothakasela ukuba yenziwe ngabantababo.Nokho uma ukhombise inkambo embi ,nabantabakho bazokulingisa....more6minPlay
September 02, 2021Osemdala Unovalo Ngobudlelwane Obumuncu Anabo Nabazali Bakhe Bungalimaza Izingane ZakheUma kunobuhlungu nezimo ezinzima owakhuliswa ngazo ngumzali kumbe bobabili ,kunganzimanyana –ke ukuba nawe ungabi yilolohlobo lomzali ezinganeni zakho ngoba yibona buzali owabubona.Nokho lokho akuchazi ukuthi lomthelela omubi ungenqamuleke....more6minPlay
September 01, 2021Kungani Incwadi Yomshado Nomshado UbalulekileSewake wazibuza kungani amaKhrestu engena emshadweni qede abe nencwadi esemthethweni ekhomba umshado wawo njengokuzinikela eNkosini ,Ungabe usasuka nxashana sisabhunga ubumqoka bomshado nencwadi yomshado...more5minPlay
August 31, 2021Ukukhulelwa Ungashadile Qede Umfana Anagfuni Ukuba NgubabaZiningi kakhulu izimo lakhona abangashadile bemitha bese umfana kutholakale ukuthi akayingeni eyokuba ngubaba.Lokho okushiya intombazane esimweni esinzima,sizokhuluma ngalokho kanye la ohlelweni Ezomndeni.Ungabe usasuka....more5minPlay
August 30, 2021Ukunqubuzana nokuklwebhana kwezingane zandawonyeUkuklwebhana nokulwa kuyenzeka kuyo yonke imindeni yabazalwane kodwa sidinga ukufundisa izingane zethu zithobelane zihloniphane.Kuwuhambo olungelula kodwa kubiza umzali asiqonde isimo...more4minPlay
August 29, 2021Umzali odidwe yisaga eisthi :”Khulisa umntwana ngendlela okuyoba ngeyakhe”Umzali okholwayo wenze njani uma ingane yakhe idele ukukholwa nakuba ikhuliswe ngokukholwa ,yafundiswa iZwi likaNKULUNKULU?Ngeshwa ayikho i-gaurantee,sicela unamathele ungasuki ohlelweni Ezomndeni ,sifuna ukubuka yona kanye lendaba....more5minPlay
August 26, 2021Usizi,ukungabikho kobulungiswa nothando lukaNkulunkuluNgakube sewake waba nendida ngokuthi kaze uNkulunkulu unawo nje umuzwa ngawe nomhlaba wonkana? Ngosizi nobuhlungu obukhona kwamhlaba ,kugcina kuyinto enzima ukukholwa ubukhona nonakekelo lukaNKULUNKULU...more6minPlay
FAQs about Ezomndeni:How many episodes does Ezomndeni have?The podcast currently has 1,157 episodes available.