Uguquko usuka ebunganeni uya ekubeni yi-teenager wuguquko olukhulu empilweni, futhi ama-teen amaningi kanye nabazali bangakufakazela lokho. Kunezinguquko zomzimba nezomqondo ezenzekayo kulesigaba,
futhi kuyasiza ukuqonda lamaphuzu zisasuka nje ukuze ungazitholi usuhilelekile ungazelele. Nakhu la khona abazali nama-teens abangasebenzisana khona ukudala umoya wokuhloniphana, futhi bagcine ubudlelwane obuhle, kungakhathalekile isimo sithini ngezinguquko nakanjani ezizogcina zenzekile.