Sign up to save your podcastsEmail addressPasswordRegisterOrContinue with GoogleAlready have an account? Log in here.
Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family... more
FAQs about Ezomndeni:How many episodes does Ezomndeni have?The podcast currently has 1,157 episodes available.
May 04, 2021Izimpawu zobungozi be-social media kwabashadileNgakube unabo ubungani kwezokuxhumana nabantu bobunye ubulili?Uxhumana nalaba bantu ngaphezu kokuxhumana nowakwakho? Yimibuzo esemqoka ukuzibuza yona uma uthemba ukuvikela umshado wakho ekuqhekezekeni....more6minPlay
May 03, 2021Ubuzali emva kwesahlukanisoEsigabeni sesahlukaniso, ubuzali buba ngobunzima, lakhona nezingane zibhekene nokuba ngubhandemtshelekwane; ngelinye ilanga zikumama ngelinye zikubaba. Kwezomndeni namhlanje sethembe ukukulethela izinkombandlela eziphilile ukuthi ungabugcina kanjani ubudlelwane obunempilo nemingcele emva kwesahlukaniso ,ukuze izingane zinonophale ngawe....more7minPlay
May 02, 2021Ukulekelela uwakwakho akwazi ukuphatha kahle ezezimaliUma sihlaziya abashadile kuye kubukeke ukuthi udaba lwezimali luyinkinga ephezulu emshadweni. Kulesimo esinzima somnotho miningi imindeni eqhukuza kanzima ukuxosha ikati eziko. Ukuze kuphilwe kahle kubiza ukuba I –couple ibe mqomndomunye ekwenzeni I budget nokusebenza kwemali . Kungaba lukhuni satshe uma omunye kwi-couple engasiboni isimo umndeni okuso ngokwezimali....more6minPlay
April 29, 2021Ukulekelela uwakwakho akwazi ukuphatha kahle ezezimaliUma sihlaziya ama-couple ashadile kuye kubukeke ukuthi udaba lwezimali luyinkinga ephezulu emshadweni. Kulesimo esinzima somnotho miningi imindeni eqhukuza kanzima ukuxosha ikati eziko. Ukuze kuphilwe kahle kubiza ukuba laba abashadile babe mqomndomunye ekwenzeni I-budget nokusebenziswa kwemali. Kungaba lukhuni satshe uma omunye kwi-couple engasiboni isimo umndeni okuso ngokwezimali....more6minPlay
April 28, 2021Ongumkhwenyana nobaba onomakhwepheni obulili bunye nayeUkuqhumisa izindaba ezinganeni zakho zokuthi uwakwakho usenekhwapha noma uyashendeza, ngumthwalo ongelula neze loyo nakunoma imuphi umzali.Bese kuthi uma kungukuthi kanti lobushwampeshwampe akubona uwakwakho bungobulili obubodwa nobakhe ivese ingazekeki ke leyo....more7minPlay
April 27, 2021Ingane engafuni uMawayo oyi-single mother angene othandweni olushaAkulula ukungena othandweni olusha emva kokudivoswa uma uyi-single mother. Uma ingane yakho kade iqhelile kumzali, bese ingathi ingaseduze bese yaziswa ngophila nabo engabazi, kungebe lula kuyo ukuzoqala leyompilo. Umuntu engenza kanjani ukuthi izingane zibe sisemweni esihle ngenkathi engena ebudlelwaneni obusha?...more5minPlay
April 26, 2021Izingane ezingabazayo ngoNkulunkuluUma ungumzali onguMKhrestu othandazela izingane zakhe, ucela uNkulunkulu ukuba azembule kuzona abe ngophilayo, angicabangi uwedwa kulowomsebenzi. Kungumthandazo osezindebeni zamakholwa amaningi angabazali. Wonke umzali onguMKhrestu ufuna ukunethezeka ekwazini ukuthi ingane yakhe ishisekela uNkulunkulu futhi imkholwa ngenhliziyo yayo yonke ebuNkulunkulunkulwini baKhe. Ukukhuthazeka kuziletha ngesikhathi ingane yakho izibuza ngokholo nobukhona bukaNkulunkulu. Umuntu wenzenjani ezimweni ezinjalo?...more6minPlay
April 25, 2021Ukuqhumbuza ezomshado kwezokuxhumana (social media)Uma izinkinga ziqhumbuka emshadweni wakho uya kubani? Abashadile abaningi banenkinga yokungaxoxi ngokunganeliseki emishadweni yawo. Kungaba nzima ukuba nalezongxoxo ubuso nobuso nowakwakho, yingakho abanye abantu baye bethi ukuphefumula kubangani ekuveleni kwethuba yindlela yokuxosha intuthu. Kwabanye lolohlobo lwabangani lukwezokuxhumana, ngakho ukuphefumula kwenzeka khona lapho. Kodwa ngeshwa loukuthi i-social media yibhodwe lomhlaba wonke okungagcinisa ezomshado wakho ziphakeleke uwonke wonke. Ohlelweni sikhuluma ngokufuna indlebe enozwelo ezikhathini lakhona umshado wakho umuka nezikhukhula....more6minPlay
April 22, 2021Izimpawu zenhlese embi emshadweni nge-social mediaI-social media isihluzwe njengenye yengxovane esibe nenhlese embi emshadweni yokudala izingxabano ngisho nezehlukaniso imbala. Kulolulwazi oselushiwo, kungaba ngubuhlakani ukuzipha isikhathi sicwaninge kahle nesixhumana nabo kuma-social media ukuze sivikele imishado yethu. Sijula kancane ngalendaba khona la ohlelweni Ezomndeni....more5minPlay
April 21, 2021Ukuvuselela umshado wenu senizihlalele nodwaAbashadile abaningi bawela kunoxhaka wokufaka umdlandla wawo ezinganeni, kangangokuthi uma sezihamba, basala umama nobaba sekuheleza umoya emshadweni wabo. Kuloluhlelo Ezomndeni sikhuluma ngemininingwane yongakulindela uma izingane zakho zingasekho....more5minPlay
FAQs about Ezomndeni:How many episodes does Ezomndeni have?The podcast currently has 1,157 episodes available.