Sign up to save your podcastsEmail addressPasswordRegisterOrContinue with GoogleAlready have an account? Log in here.
Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family... more
FAQs about Ezomndeni:How many episodes does Ezomndeni have?The podcast currently has 1,157 episodes available.
April 06, 2021Ukuzibuza ngonakekelo lukaNkulunkuluWenze njani uma izethembiso zikaNkulunkulu zibukeka zingelona iqiniso kuwe? Ngakube ukholo lwakho uyalulahla kuYe kumbe ulubekela ukuqonda kangcono iQiniso laKhe na?...more6minPlay
April 05, 2021Indodakazi Engena Ebuntonjini Enokujwayelana Nowesilisa OsemdalaSingawaxwayisa kanjani amadodakazi ethu ngamathuba ezikhisi uma emningi ekubeni nabesilisa asebekhulile, ngisho ethi kithi, ayi bajwayelene nje nabo? Imvamisa amantombazane angama-teenager awafuni ukuzwa loluhlobo lwezeluleko ,ngakho kumelwe umuntu aqikelele kakhulu indlela eza ngayo....more6minPlay
April 04, 2021Ukusebenzisa Imali Yokweshumi Ukusiza Abazali AsebekhulileUkubhekana nezezimali zethu ngokwezinsika zoBuKhrestu kufaka izinto ezithile. Okunye kwakho ngukuthi AmaKhrestu alindeleke ukunikela okweshumi, bheka ku-2 Izikronike 31:4&5.AmaKhrestu atshelwa ukunakekela izintandane nabafelokazi.Aphinde ayalwe ukwazisa oyise nonina ,nokunakekela abendlu yabo, funda-1 Thimothewu 5:8....more6minPlay
April 01, 2021Ukubhekana NeNkonkoni Engumzalwane EmndeniniUngaphendula uthini uma utshelwa ngenye yezingane zakho ukuthi iyinkonkoni kodwa isenguye uMKhrestu?...more6minPlay
March 31, 2021Abazali Bavimba Ubudlelwano Bogogo Nezinganeni zaboUqhelelano emndenini ngeshwa lwenzeka zikhathi zonke, kwesinye isikhathi ngisho kungekho nento ephathekayo edala ukwehlukana. Ohlelweni Ezomndeni namhlanje sizokhuluma ngokuthi ungawubuyisela kanjani umndeni osuhlukene....more6minPlay
March 30, 2021Ukusiza intombazane eyi-teen ibe ngowesifazane (Ingxenye yesibili)Ohlelweni lwethu olwedlule Ezomndeni sasinqamulela izinto ezingu-12 ezidingwa yiyo yonke intombazane encane ze ifinyelele ohambweni lwayo lokuba ngowesifazane okhulile, ngokuzizwa ephephile enokuthula komphefumulo. Sizoqhubeka ngalolo luhla kuloluhlelo Ezomndeni namhlanje....more7minPlay
March 29, 2021Ukusiza intombazane eyi-teen ibe ngowesifazane (Ingxenye yokuqala)Kuningi ukukhuluma okuphezulu nokubuka mqondo mningi ngesihloko sobulili kulezinsuku kwezokusakaza.Izingane zikhula esimweni esehlukile kakhulu uma usiqhathanisa naleso sezakhula eminyakeni engu-50 eyadlula. Ngakho,kulesisimo izingane zethu ezizithola zithe shuthe kusona ,umuntu ingempela angayisiza kanjani intombazane esathomba ukube idlulele ikhulele ekubeni ngowesifazane? Sizodingida lesihloko ezihlokweni ezibili kusuka namhlanje....more7minPlay
March 28, 2021Ukuxoxa ngokudideka kobulili nentshaKwisikompilo lanamuhla lakhona sibondwe saphekwa, intsha ibhekene nezinselelo ezingaphezu kwezethu, cishe mhlampe mina nawe esingazange sibhekane nazo sikhula.Ukudideka kobulili yinqubo le engenisile impela okwenza intsha eningi iqale izibuze ubuyona nangendlela enhle uNkulunkulu ayidala ngayo.Manje abazali bangaxoxa kanjani nezingane zabo ngaloludaba lokudidwa ngubulili entsheni? Sifuna ukuzoletha izinkombandlela namasu angukhiye ukukwazi ukwenza lokho kanye, khona la ohlelweni Ezomndeni....more7minPlay
March 25, 2021Isikole esiyi-bording ezinganeni zezisebenzi zeNkosiMiningi imibono ngokuthi yiziphi izinqubo ezingcono ngemfundo yezingane zethu. Eminye imindeni ephume uphumo lomsebenzi weNkosi kuye kubize yenze izinqumo ezinzima ezincike ekutheni ithunyelwe kuphi.Sizobhunga lokhu kabanzi la ohlelweni Ezomndeni....more6minPlay
March 24, 2021Ukubhekana nokugeleza kwemiqhafazo yezocansi entsheniUkuqhumbuka kwemiqhafazo yezocansi [sexting] yinto e serious kakhulu entsheni ezibandakanya nezithola ezindleleni ezehlisa ukuziphatha.Abazali ngeke empeleni bakwazi ukuvikela lesisenzo, kodwa badinga ukuqonda ngezingozi qede bathathe igxathi eliqinile ekutholeni ukuthi kusenokwenzeka ukuba ingane yakho ikinateleke kulokhukuziphatha okucekayo.Sizokhuluma ngezindlela zokubhekana nokugeleza kokuqhuma kwemiyalezo yezocansi ,khona la ohlelweni Ezomndeni .Ngakho hlala nathi....more6minPlay
FAQs about Ezomndeni:How many episodes does Ezomndeni have?The podcast currently has 1,157 episodes available.