
Sign up to save your podcasts
Or


NgokukaJohane 20:21 - Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina. Njengokuba uBaba engithume mina, nami ngiyanithuma nina.”
Send us a text
NgokukaJohane 3:16-17 - Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana ezweni ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo
Send us a text
2 Samuweli 11:1b-3 - Kepha uDavide wahlala eJerusalema .Kwathi kusihlwa uDavide wavuka wahamba ophahleni lwendlu yeNkosi ;wabona owesifazane egeza ;owesofazane wayemuhle kakhulu ebukeka .UDavide wathuma wabuza ngalowo wesifazane .Omunye wathi: “Lowo akasiye uBhatishiba na indodakazi ka Eliyami umka Uriya umHeti na?”
Send us a text
NgokukaMathewu 4:1-4 - Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane. Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba. Kwafika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawa matshe abe yizinkwa.” Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”
Send us a text
NgokukaLukha 15:17-20 - Kuthe sekusile kuyo, yathi: ‘Bangaki abaqashwa bakababa abanokudla okuningi, kanti mina ngifa indlala lapha. Ngiyakusuka, ngiye kubaba, ngithi: Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; angisafanele ukuthiwa indodana yakho; ngenze ngibe njengomunye wabaqashwa bakho.’ Yayisisuka, yafika kuyise.
Send us a text
Ihubo 84:11 - Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu ,uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.
Send us a text
Ihubo 18:32-33 - UNkulunkulu ongibhincisa amandla owenza indlela yami ilunge; owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi ,angimise emagqumeni ami.
Send us a text
Ihubo 37:23,24 - Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova uyayithanda indlela yakhe. Noma ekhubeka kayikuwa phansi,ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe.
Send us a text
Ihubo 28:7 - UJehova ungamandla ami nesihlangu sami;inhliziyo yami ithembe kuye ngasizwa;ngakho ke inhliziyo yami iyethaba,ngizakumdumisa ngezihlabelelo sami.
Send us a text
Ihubo 23:6 - Impela okuhle nomusa kuyakungilandela ,imihla yonke yokuphila kwami ;ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade .
Send us a text
From the publisher's feed
Ubani ongathi usuku nosuku alunazehlo ezishonisa phansi umphefumulo wakhe, zimshiye edidekile?
Kulesosimo kanye angikutshele ukuth sikulethele iZwi lomphefumulo eliyimzuzu emithathu Vo!…