
Sign up to save your podcasts
Or


2 EkaPhethru 1:3-4 - Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe, esiphiwe ngakho izithembiso eziyigugu nezikhulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha okusezweni ngezinkanuko
Send us a text
2 KuThimothewu 1:9 - Owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi.
Send us a text
Isaya 57:19 - Ngidala izithelo zezindebe zomlomo ngokuthi : ukuthula ukuthula kuye okude nakuye oseduze” usho UJehova ; “ngiyakumphilisa.”
Send us a text
Hezekeli 36:25-27 - Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlumbulukileyo nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu. Ngiyakuninika inhliziyo entsha ngifake phakathi kwenu umoya omusha, ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yenu, ngininike inhliziyo yenyama. Ngiyakufaka umoya wami phakathi kwenu ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakugcina izahlulelo zami nizenze.
Send us a text
Isaya 40:28-31 - Awazi yini ,awuzwanga na uJehova uNkulunkulu ongunaphakade; udalile imikhawulo yomhlaba; akapheli mandla akakhathali, nokuqonda kwakhe akunakuphenywa. Nguye omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha I zinsizwa ziyaphela amandla zikhathale, nabasha bawa nokuwa,kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha ,bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, behambe bengapheli amandla.
Send us a text
Isaya 40:27-28 - Usholoni wena Jakobe ,ukhulumelani wena Israel ukuthi : “Indlela yami isithekile kuJehova ,ilungelo lami lidlulile kuNkulunkulu wami ,” na? Awazi yini, awuzwanga na uJehova uNkulunkulu ongunaphakade ;udalile imikhawulo yomhlaba ;akapheli mandla akakhathali, nokuqonda kwakhe akunakuphenywa .
Send us a text
Isaya 40:26 - Phakamiselani amehlo enu phezulu nibone ,Ngubani odalile lezozinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo ,abize zonke ngamagama ;ngobuningi bambandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa .
Send us a text
2 KwabaseKhorinte 5:17 - Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.
Send us a text
KwabaseFiliphi 3:13,14 - Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili, ngijonge emgomeni,emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.
Send us a text
NgokukaJohane 1:18 - Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.
Send us a text
From the publisher's feed
Ubani ongathi usuku nosuku alunazehlo ezishonisa phansi umphefumulo wakhe, zimshiye edidekile?
Kulesosimo kanye angikutshele ukuth sikulethele iZwi lomphefumulo eliyimzuzu emithathu Vo!…