
Sign up to save your podcasts
Or


EkaJakobe 3:13 - Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.
Send us a text
NgokukaMathewu 4:18-20 - UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha elwandle; ngokuba babe ngabadobi. Wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.” Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.
Send us a text
1 Samuweli 17:47 - Yazi yonke lenhlangano ukuthi uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto ,ngokuba ukulwa kungokukaJehova ,uyakukunikela esandleni sethu.
Send us a text
IHubo 149:4 - Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe; abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso.
Send us a text
1 AmaKhosi 20:11 - Yayisiphendula inkosi [u- Ahabi] yakwa Israel ithi: “Khulumani kuye [u-Ben Hadadi], nithi:’Obhinca izikhali makangazigabisi njengokhumulayo.”
Send us a text
NgokukaLukha 2:49 - Wathi kubo: “Kukanjani, beningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumelwe ukuba ngibe kokukaBaba na?”
Send us a text
Izaga 25:28 - Njengomuzi odiliziweyo ungenalugange, unjalo umuntu omoya wakhe ungenakubanjwa.
Send us a text
2 KwabaseThesalonikha 2:13 - Kepha thina simelwe ukubonga uNkulunkulu njalo ngani bazalwane abathandwa yiNkosi, ngokuba kwasekuqaleni uNkulunkulu wanikhethela ukusindiswa ngokungcwelisa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso.
Send us a text
NgokukaMathewu 22:37-39 - UJesu wathi kuye: “ ‘Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.’ Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala. Owesibili ofana nawo uthi: ‘Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’
Send us a text
Izaga 10:9-11 - Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka, kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa. Oqwayiza iso ubanga usizi, kepha osola ubuso nobuso uveza ukuthula. Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila, kepha umlomo wababi ufihla ubudlwangudlwangu.
Send us a text
From the publisher's feed
Ubani ongathi usuku nosuku alunazehlo ezishonisa phansi umphefumulo wakhe, zimshiye edidekile?
Kulesosimo kanye angikutshele ukuth sikulethele iZwi lomphefumulo eliyimzuzu emithathu Vo!…