Izwi eliFresh

Izwi eliFresh

By Christianityworks NPCReligion & SpiritualityChristianity
Download on the App Store

Izwi eliFresh episodes

  • Qaphela Ukuthi Yini Oyibekezelelayo

    1 KwabaseKhorinte  5:9-13 - Nganilobela encwadini yami ukuba ningahlangani nezifebe; angisho izifebe zalo mhlaba, nokuba abahahayo nabaphangi, nokuba abakhonza izithombe, ngokuba phela ngabe nimelwe ukuphuma ezweni;  kepha manje nganilobela ukuba ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe, noma engohahayo, noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningaze nadla nokudla nonjalo. 

    Ngokuba nginandabani nokwahlulela abangaphandle na? Nani anahluleli abangaphakathi na?  Kepha uNkulunkulu uyakwahlulela abangaphandle. Xoshani omubi phakathi kwenu. 

    Send us a text

    3 min
  • Umjaho Ongabangwa

    NgokukaMathewu  23:5-7 - “Kepha imisebenzi yonke yabo bayenza ukuba babonwe ngabantu; amafilakteriyu abo bawenza abe banzi, bawenze abe makhulu amachopho.  Bathanda izindawo ezingenhla ekudleni nezihlalo eziphambili emasinagogeni, nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi ‘Rabi’. 

    Send us a text

    4 min
  • Ukuzanyazanyiswa NguNkulunkulu

    Izenzo  4:31 - Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo lapho bebebuthene khona, bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi. 

    Send us a text

    4 min
  • Umthandazo Wesibindi

    Izenzo  4:29-30 - Manje-ke, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngaso sonke isibindi  ngokwelula isandla sakho ukuphulukisa, kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.” 

    Send us a text

    4 min
  • Amandla Uqondene Nokuhlushwa

    Izenzo  4:23-26 - Sebeyekiwe baya kwabakubo, babika konke abapristi abakhulu namalunga abekushilo kubo.  Bona sebezwile baphakamisa izwi kuNkulunkulu nganhliziyonye, bathi: “Somandla, wena owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho,  owasho ngoMoya oNgcwele ngomlomo kababa uDavide inceku yakho ukuthi: “ ‘Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bacebe okuyize, na?  Amakhosi omhlaba aqhelile, nababusi bayihlanganyele iNkosi noGcotshiweyo wayo.’ 

    Send us a text

    4 min
  • Umzimba wakho uyiThempeli

    1 KwabaseKhorinte 6:18-20 - Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba.  Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na?  Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu. 

    Send us a text

    3 min
  • Amanye Amabandla Awavulekile Ukuzizwa Usekhaya Kuwona

    EkaJakobe 2:2-4 - Ngokuba uma kungena esinagogeni lenu umuntu onendandatho yegolide nezingubo ezicwebezelayo, kungene nompofu onezingubo ezimbi, nimbheke ogqokile izingubo ezicwebezelayo, nithi: “Hlala lapha wena kulendawo enhle,” besenithi kompofu: “Yima lapho wena,” noma: “Hlala phansi kwesenabelo sezinyawo zami,” anikhethi yini, nibe ngabahluleli abanezizindlo ezimbi na? 

    Send us a text

    4 min
  • Ngokubona Kwami…

    Izaga 17:28 Nesiwula lapho sithule kuthiwa isihlakaniphi; ovala umlomo wakhe ungoqondileyo. Izaga 29:20 Uyabona umuntu oshesha ngamazwi na? Kukhona ithemba ngesiwula kunangaye. 

    Send us a text

    4 min

About Izwi eliFresh

From the publisher's feed

Ubani ongathi usuku nosuku alunazehlo ezishonisa phansi umphefumulo wakhe, zimshiye edidekile?

Kulesosimo kanye angikutshele ukuth sikulethele iZwi lomphefumulo eliyimzuzu emithathu Vo!…