
Sign up to save your podcasts
Or


1 EkaPhethru 2:18 - Nina zinceku, thobelani amakhosi ngokwesaba konke, kungabi ngamahle navileyo kuphela kodwa nayizixhwanguxhwangu.
Send us a text
Izaga 3:5-8 - Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho. Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho, mesabe uJehova udede ebubini. Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho, nokuhlunyelelwa kwamathambo akho.
Send us a text
2 KwabaseKhorinte 9:6-8 - Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu. Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza. Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame, ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke, nivame imisebenzi yonke emihle.
Send us a text
1 KuThimothewu 6:9-10 - Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni. Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.
Send us a text
Izaga 22:7 - Isicebi sibusa phezu kwabampofu, nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.
Send us a text
Izaga 21:5 - Imicabango yokhutheleyo isenzuzweni, kepha eyabo bonke abaphangisayo isekusweleni kuphela.
Send us a text
NgokukaMathewu 6:25-27 - Ngalokho-ke ngithi kini:Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na? Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na? Ngumuphi kini ongelekela ebudeni bakhe ingalo ibe nye ngokukhathazeka na?
Send us a text
KwabaseGalathiya 5:13 - Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.
Send us a text
Izaga 27:1-2 - Ungazigabisi ngolwakusasa ngokuba awukwazi okungavela ngosuku. Makakudumise omunye kungabi ngomlomo wakho, kube ngumfokazi kungabi yizindebe zakho.
Send us a text
Jeremiya 17:7-8 - Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova nothemba lakhe linguJehova .Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini ,ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni ,ongesabi lapho kufika ukushisa ,amaqabunga awo abe luhlaza ,angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu ,anganqamuki ukuthela izithelo.
Send us a text
From the publisher's feed
Ubani ongathi usuku nosuku alunazehlo ezishonisa phansi umphefumulo wakhe, zimshiye edidekile?
Kulesosimo kanye angikutshele ukuth sikulethele iZwi lomphefumulo eliyimzuzu emithathu Vo!…