Namhlanje sidingida udaba oluthinta abafundi base UNISA abafundela ubuthishela abakhala ngokushintshwa kohlelo lokufunda phecelezi i-curriculum kanye ne app yokugada abafundi uma bebhala, i-invigilator app. I-UNISA ithi yaqala ukwazisa abafundi ngalolushintsho kusukela ngo 2018 babanika nencazelo egcwele ngalolushintsho. Sixoxa nabafundi abangathandanga ukudalula amagama abo kanye no Mandla Shabangu oyi Student Support Coordinator e-UNISA College of Education.