
Sign up to save your podcasts
Or


#Amandl'omnotho no Gugulethu Xaba :Amasheya ase JSE ne Politiki yeZolimo
sikhuluma ngodaba olubandakanya ukukhulisa umtwana
okungasiye owakho. Lokhu kulandela isimo esithinta uJabulisile Manzi wase Lamontville eThekwini ofisa ukwazisa
lowo ozazi njengobaba womntwana ukuthi ingane akuyona eyakhe. U-Jabulisile wathola lomntwana eneminyaka
engu 14 ethandana nabantu ababili ngesikhathi esisodwa nokwaholela ekutheni anike ingane ubaba okungasiyena.
Lomntwana womfana useneminyaka engu 21 kanti wakhuliswa abazali balobaba owathweswa ijazi. U-Jabulisile uthi
inkinga iqale uma umntwana esebonisa izimpawu zokungalawuleki nokwagcina enqume ukuthi aye kumuntu ohlolayo
owamtshela ukuthi ingane isekhaya okungelona. U-Baba wangempela womntwana useyazi ngaloludaba emva
kwemiphumela ye DNA, uJabulisile usesele nokwazisa lowo owakhulisa umntwana.
Vukaqonde ngokuguquka kwesimo sezulu no :Thandiwe Gumede
#UkhozifmVabs :Sixoxa no Wandile Nkosi ongumsunguli wenkampani yezobuchwepheshe i-Nkosi Tech Solutions Trading ezinze e-Hazyview esifundazweni sase Mpumalanga.
#UkhozifmVabs isiphakamiso sokuthi kumele kube khona isivumelwano esivela kunkosikazi esibhalwe phansi esigunyaza umyeni ukuthi angathatha unkosikazi wesibili. Lesiphakamiso sivele kwisithangami sePhalamende likazwelonke ebesihlola izimvo zabantu mayelana nomthetho sivivinyo womshado, iMarriage Bill. Kunemibono ethi lesiphakamiso singaholela ekubhebhethekiseni i-GBV. Sikhuluma no Prof Gugu Mazibuko, ovela kuMnyango we African Languages e-University of Johannesburg.
From the publisher's feed
Vee Mthembu and Mroza