U-Thandeka Cebekhulu ongowase e-Bergville usola ubaba wengane yakhe
ngokuzama ukumsoconga emva kokuthi emholele esigangeni ebusuku lapho adutshulwa khona abalisa abangaziwa
bamshiya becabanga ukuthi ufile. Lesehlakalo senzeka ngonyaka owedlule kanti u-Thandeka ukhala ngokuthi
akunanqubekela phambili ecaleni lakhe selokhu lavulwa. Sikhuluma no Thandeka, sizamile ukuthola umseshi wecala
kodwa wangaphendula ucingo.