
Sign up to save your podcasts
Or


Ngabe usuke wabhekana nesimo sombango wekhaya lapho nakhuliswa khona? Nagcina nisitholile isixazululo
futhi seku ubani ohlala khona? :Thulani Nkosi, Senior Attorney at SERI (Socio-Economic Rights Institute of South Africa)
#Vuka uqondekabanzi ngezezimali no Sfiso Nala :Yiziphi izinto umunt angazenza ukukhulisa ingeniso noma ihholo lakhe?
#Ukhozifmvabs :Dr Siyabonga Dlamini, ongumcwaningi kwezesifo somdlavuza enyuvesi ya KwaZulu-Natal.
U-Thandeka Cebekhulu ongowase e-Bergville usola ubaba wengane yakhe
ngokuzama ukumsoconga emva kokuthi emholele esigangeni ebusuku lapho adutshulwa khona abalisa abangaziwa
bamshiya becabanga ukuthi ufile. Lesehlakalo senzeka ngonyaka owedlule kanti u-Thandeka ukhala ngokuthi
akunanqubekela phambili ecaleni lakhe selokhu lavulwa. Sikhuluma no Thandeka, sizamile ukuthola umseshi wecala
kodwa wangaphendula ucingo.
#UkhozifmVabs :Namhlanje siqeda iminyaka engu-68 abesifazane bakuleli bamashela e-Union Buildings, ePitoli. Abantu besifazane ababalelwa ku 20-thousand babephikisana nokuphathwa kwamapasi ngabantu abamnyama ngesikhathi bethelwa ngoyaba ngamaphoyisa obandlululo. Ukubungaza usuku lwanamhlanje sithe asikhulume no-Nosipho Siwisa Damasane ongumholi kwezamabhizinisi aphinde abe umbhali wezincwadi zobuholi
From the publisher's feed
Vee Mthembu and Mroza