
Sign up to save your podcasts
Or


#Ezweni Sakhile :Namhlanje sikhuluma no Thembi Mkhize owathunjwa izinsuku ezintathu
waphinde wadlwengulwa emva kokuphendula i-post yakwa Facebook eyayikhangisa umsebenzi. Lesehlakalo esenzeka
ngonyaka ka 2021 sabikwa emaphoyiseni kodwa namanje umenzi wobubi usachanasa ngaphandle. U-Thembi
oneminyaka engu 42 ungowase Mzinto kodwa uzinze eLamonti eThekwini.
#Vuka uqondekabanzi ngokuguquguquka kwesimo sezulu:Topic: Ungwengwezi lokugcina lomoya oluzungeze umhlaba (troposphere)
#Ukhzifmvabs:Yize iningi lizishayela ihlombe izenzo zamaphoyisa zokubulala abasolwa kodwa kukhona imibono ephambene nalokhu. Lemibono evela kongoti abahlukahlukene iqhakambisa ukuthi ubufakazi neqiniso bufa nabo abasolwa kanti namacala awasafiki enkantolo okuyiyona nhloso yobulungiswa. Ngokwembiko babalelwa ku 40 abasolwa asebebulawe amaphoyisa kusukela ngo April kulonyaka. Kanti ngokukakhomishana wamaphoyisa a-KwaZulu Natal u- Lieuttenant General Nhlanhla Mkhwanazi zingu 35-thousand izigebengu
#UkhozifmVabs :Namhlanje sikhuluma ngabantu aba single kodwa beshadile. Kulezizimo uthola ukuthi labashadikazi basahlala ndawonye kodwa inhlansi yothando ayisekho, noma omunye athi usapholisa ikhanda. Usuke wadlula kulesimo noma ukulesimo njengamanje? Ngabe iziphi izizathu ezisakuhlalisile? Ngabe usaziphatha njengomuntu oshadile noma uvumelekile ukwenza umathanda?
#Ukhozifmvabs :Sithe asiqale inyanga yabesifazane ngokukhuluma no Solwazi Nokuthula Sibiya oqophe umlando ngokuqokwa njengowesifazane owokuqala esikhundleni sokuba yiPhini lika Shansela e-Mangosuthu University of Technology. USolwazi Sibiya ongowokudabuka elokishini eMlazi okuyindawo eyakhele le nyuvesi, uqokelwe kulesi sikhundla emva kwamasonto ebambe kuso.
From the publisher's feed
Vee Mthembu and Mroza