
Sign up to save your podcasts
Or


#Ukhozifmvabs: Nqobani Mzizi Jorburg City Power Izakhamuzi zase Goli ezisebenzisa ugesi wekhadi sezizokhokha u-R200 ngaphezulu njalo ngenyanga kusukela kulenyanga ka July. Sikhuluma no Nqobani Mzizi ophuma kwa Joburg City Power
#Vuk'qonde kabanzi ngezezimali :Sfiso Nala sikhuluma ngokubaluleka kokonga imali njengoba sazi ukuthi inyanga ka July yaziwa njengaleyo egqugquzela ukongiwa kwemali.
#Ezwenisakhile : Mercy Gamede Zwane :Sekuqubuke ukungezwani phakathi kwamalungu enhlangano yamatekisi ase Mnambithi i-Clipriver Taxi Association kulandela ukunyamalala kwemali elinganiselwa ku R3 million wamarandi ebikade isesikhwameni salenhlangano. Lokungezwani sekuholele ekutheni kube khona amalungu asatshiswayo futhi loludaba selungenelelwe amaphoyisa kanye nenhlangano eyengamele lembhoni jikelele i-Santaco. Sikhuluma no Mercy Gamede- Zwane ophuma kwi Clipriver Taxi Association.
From the publisher's feed
Vee Mthembu and Mroza