Ibambene ngezihluthu enhlokodolobha yase Burundi, eBujumbura namhlanje ekuseni. Lokhu kulandela ukuthi owayeyisikhulu esiphezulu kwezobunhloli uGodefrodi Niyambore, ememezele ukuthi usemchithile uMengameli uPierre Nkurunziza esikhundleni. Kubikwa ukuthi izakhamizi zibhekene ngeziqu zamehlo inganono ikhala bukhoma kujikijelwana namabhomu eduze nesakhiwo lapho kunomabona kude kanye nesiteshi somsakazo. U-Nkurunziza ubevakashele eTanzania ehambele umhlangano wesifunda obubizelwe ukubhekana nesimo ezweni lakhe ngesikhathi eketulwa. U-Sarah Kimini, uyabika.
[TAKE: SB
NAME: Burundi
OUTCUE: Tanzania
TO: 0'34"
DURATION:0'34"]
Uthi uMengameli wase-Burundi uPierre Nkurunziza use-Tanzania kulandela ukuthi imizamo yakhe yokubuyela ekhaya ingaphumelelanga. UMajor Godefroid Niyambore, uyalele ukuthi kuvalwe isikhumulo sezindiza ukuvimbela uNkurunziza ukuthi angangeni ezweni lakhe. Phambili uMengameli uyiphikile imibiko yokuthi usechithiwe esikhundleni. Ukuphela konzinzo eBurundi, kuqale emasontweni amathathu endlule kulandela ukuthi iqembu likaNkurunziza, lithe akaqhubeke nokungenela ukhetho ihlandla lesithathu.
Smp dbn 14/05