
Sign up to save your podcasts
Or


Ncipha bugebengu no Brigadier Nduduzo Bhengu
sikhuluma ngobugebengu ezifundazweni ezehlukene njengoba isifundazwe sase Gauteng, iWestern Cape, iEastern Cape kanye neKwaZulu-Natal kuseyizifundazwe ezihamba phambili ngokuba nesibalo esiphezulu samacala obugebengu abucayi nobuhleliwe. ·
U 57% wamacala okudunwa kwezimoto ezweni
· U 54% wamacala okuthunjwa kwabantu
INGONO YOMSAMO no Professor sibheka udaba lokuthi U Malidoma Some ongumunye wabelaphi bendabuko ongasekho wase Burkina Fasso uthi ‘Isabelo sesiphiwo semimoya nosuke ethunywe kuwena njengedlozi, usuke ethwele amandla amakhulu okubona, ukwelapha, nokufundisa. Kodwa ugcina engasakuniki konke ngenxa yokwenza nokuziphatha nokukhuluma kwakho okunephunga okugcina umsebenzi ungasafezeki kowawabelwe khona’.
Ngyabingelela mam DUDU nabalaleli bo KHOZI FM. Mam Khoza Ngicela ukuba u anonymous kuloludaba. Ngingowesfaze oneminyaka engu 38yrs. Ezinyangeni ezine ezedlule ngalahlekelwa undodakazi wam Okusolakala ukuth wathunjwa ngabantu abangaziwa abamthatha egcekeni ekhaya ngezikhathi zakusihlwa Kwathi ngosuku olulandelayo kwafona owesilisa ongazichazanga wathi nguye othathe undodakazi ucela simfakele imali ewu R25000 ukuze amdedele makungenjalo somthola eseshonile. Salubika udaba emaphoyisen afika athatha isi statement azama ukulandela amafoni lapha eyekhomba ukuthi adonsa khona. Abangabuya nalutho. Kwabe sekulandelwa umnikazi we bank account esanikwa yona ukuze sifake lo R25000 Bamthola waboshwa babuye bamkhipha uma sibuza ukuth uphume kanjan bathi basaphenya bazombiza uma bemudinga. Kuze kube manje akukho oku thembisayo namaphoyisa azithulele Sesiside lesiskhath ingane ingaziwa ukuthi ikuphi futhi kungenamkhondo okhona. Ngcela abalaleli bengicebise ukuthi ngingenza njani ukuze ngithole usizo oluphuthumayo
Notha uJule ngezamabhizinisi. Namhlanje isihambeli sethu u Mnz Sphamandla Mkhwanazi onguMhlaziyi womnotho (Economist). Sikhuluma ngokwenyuka kwentengo ka Petrol no Diesel nokuthi lokhu kusho ukuthini kusomabhizinisi osakhula Kanye nomnotho weZwe.
Abantu baseNingizimu Afrika bazobhekana nokukhuphuka kwamanani kaphethiloli nodizili, njengoba imininingwane yokuphela kwenyanga ekhishwe yi Central Energy Fund (CEF) ikhombisa ngokusobala ukuthi intengo kaphethiloli ingase idlule R30 ilitha. Amanani kaphethiloli eNingizimu Afrika kulindeleke ukuthi anyuke phakathi kuka R3.08 no R3.29 ilitha ngalinye kulenyanga ka kuMfumfu.
Ncipha Bugebengu no Brigadier Nduduzo Bhengu, sekukaningi sizwa abantu bekhala ngokuqolwa kwabantu ngamagama abo. Namhlanje sikhuluma ngokuqikekela ukuthi umuntu angaluthwa kalula aze angene kwi Scam sokuqolwa. Sekukaningi sizwa abantu besola izinkampani ngokubaqola, sino Nkkz Phindile Grootboom oyi Regional Operations Manager kwa SABC ukuzoxwayisa abantu bangalutheki kodwa bacophelele
Ikhaya Lamaciko no Siyabonga Mpungose bazomemezela Ohlomule ngesamba sika R40 000
Professor VVO Mkhize Sikhuluma udaba lokuthi sibhekene nengwadla yokubulawa kwabantu besifazane. Ngabe mhlawumbe kusukaphi noma umkhokha osuzenza umlando esingawuvalanga? Lokhu akuqali namhlanje kusuka kude. Pho yini isibhebhetheko sakho esingaka? Singakunqanda kanjani ?
From the publisher's feed
Jabulujule with Lady D kuKhozi FM is an interactive magazine show catering for a wide variety of listenership with the aim to deliver information, provide entertainment and build the nation. It…