
Sign up to save your podcasts
Or


isihambeli sethu u Proffessor Bonke Dumisa onguMhlaziyi womnotho (Economist). Sikhuluma ngokunyuka kwe Interest rate, Ukunyuka kwezinga lemali ezalayo (interest rate) nokuthi kuthinta kanjani isakhamuzi esijwayelekile esiphila ngomholo owodwa. Interest yanyanga zonke yezindlu (bond), izimoto, namakhadi esikweletu (credit cards) kuyanyuka, okusho ukuthi imali esalayo emholweni wakho iyancipha.
sikhuluma ngembandela ye Bail neyokhululwa nge Parole
Ncipha bugebengu no Brigadier Nduduzo Bhengu & Singabakho Nxumalo, National Spokeperson at Correctional service
UDkt. Nonkululeko Madondo ungumbhali, isikhulumi esikhuthaza siphinde sigqugquzele abantu (Motivational Speaker), kanye nomgqugquzeli wokuthi abantu bazamukele futhi bazithande izimo zemizimba yabo (Body Positivity), aphinde abe ngumeluleki kwezempilo yengqondo (Mental Wellness Consultant). Ungomunye wabantu abahamba phambili ekulweleni ukuthi abesifazane abanemizimba emikhulu (Plus Size Women) bazithande, bazethembe futhi bangazenyezi ngesimo semizimba yabo. Uphinde abe yingxenye ye-Angiyikuswela Therapy Foundation. UDkt. Madondo ubalwa phakathi kwabesifazane abayi-100 abanethonya eNingizimu Afrika kuwo lonyaka ka 2026 (Top 100 Influential Women South Africa 2026).
Nginomtwana ongumfana ona 13 years ongafuni ukuhlala ekhaya, uhamba ehlala emzini yabantu nakhona lapho esuke ehleli khona akukona ukuthi uhlala iskhathi eside uhlala usuku olulodwa noma ezimbili mese eya komunye umuzi uma esehamba kuloyo muzi, uhamba esemoshile ngokuntshotsha imali, amafoni mese eyabaleka akusekho la engaziwa khona into engiphatha kabuhlungu ukuthi lento ayenzayo uzolinyazwa abantu. Ngicela usizo kuKhozi nabalaleli ningilekelele kulenkinga engibhekene nayo sengimelwe inqondo manje ukuthi ngenzenjani.
World Sight Day
From the publisher's feed
Jabulujule with Lady D kuKhozi FM is an interactive magazine show catering for a wide variety of listenership with the aim to deliver information, provide entertainment and build the nation. It…