
Sign up to save your podcasts
Or


#UkhozifmVabs:Global Trade Wars and their effect on South Africa / Africa
#Ezwenisakhile:sixoxisana no Andiswa Tokota ohlala eThekwini osola lowo ayethandana naye ngokumqola imali engango R400, 000. U-Andiswa oneminyaka engu 35 uthi wahlangana nalomlisa ngo 2020, uthi uthando lwabo lwaluvutha amalangabi kwaze kwafika lapho emcela khona ukuthi amthengele i-truck elisha emuva kokufelwa i-truck ebekade esebenza ngalo. U-Andiswa uqhubeka athi wagcina evumile ukuyoboleka imali ebhange emva kwesikhathi emncenga, umlisa wase wathembisa ukukhokha u-R20, 000 ngenyanga aze asiqede lesikweletu. Uthi wawukhokha lo R20, 000 kwaba kanye emva kwalokho wamshintshela, engasaluphenduli ucingo, bengasavakashelani futhi engasayikhokhi nemali yasebhange. U-Andiswa osebenza njengomhlengikazi uthi lomlisa ubelobola omunye umuntu ngalo December esiphuma kuwo. Sixoxa no Andiswa sizophinde sixoxe nommeli ozocebisa u-Andiswa ngemigudu angayithatha ukuze athole imali yakhe. Simthintile umlisa izolo, wacela ukuthi sibuye sifone kodwa uma sesibuyela kuye ubeseluvalile ucingo.
#UkhozifmVabs :Silandela udaba lokubulalwa kwamasosha angu 13 ombutho wakuleli iSouth African National Defence Force ngesikhathi etholana phezulu namavukelambuso iM23 eDemocratic Republic of Congo. Sixoxisana no Lundi Witbooi owayeyilungu le SANDF iminyaka elishumi, washiya ngonyaka ka 2023. Sizophinde sixoxisane no Jeff Dubazana ophuma kwinyunyana iSANDU
Namhlanje sibheka udaba lwalabo asebefunde bagogoda kepha besabhekene nomqantsa wokungawutholi
umsebenzi. Lokhu kulandela umbhikisho wodokotela abakhala ngokweswela umsebenzi nakuba sebeqeqeshwe
baqeda. Labo dokotela bebeqhinqe emahhovisi kahulumeni eMgungundlovu eKZN kusukela ngoMsombuluko nalapho
benikezele khona ngohlu lwezikhalazo zabo. Sixoxa no Dr Kenneth Sithole obeyingxenye yalombhikisho kanye no Dr
Bonginkosi Mafuze oyilungu lenyunyana i-South African Medical Association Trade Union sizophinde sixoxe no Ndunankulu wakwaZulu Natal Mnu-Thami Ntuli
#Ezwenisakhile :Sixoxa noNkosikazi Gugulethu Malinga ohlala endaweni yase Lovu eningizimu yeTheku ofuna ubulungiswa kulandela ukudlula emhlabeni kwendodakazi yakhe ngendlela athi esolisayo ngonyaka ka 2022. U- Malinga oneminyaka engu 71 uthi ngosuku lwesigameko wafonelwa umkhwenyana wendodakazi yakhe imtshela ukuthi uzibulele. Uma efika emzini wabo wafica isidumbu sendodakazi yakhe emva kwendlu sinamanxeba okugwazwa. U-Malinga ukhala ngokuthi kuze kube imanje akazi okwenzeka ngaloluyasuku yize kwavulwa icala emaphoyiseni.
From the publisher's feed
Vee Mthembu and Mroza