
Sign up to save your podcasts
Or


#Vukaqonde kabanzi ngokwesimo sezulu no Thandiwe Gumede : California fire
#UkhozifmVabs :Namhlanje sithe asixoxe nomfundi ovelele esifundazweni sase Mpumalanga ohlomule ngemoto, umfundaze kanye nesamba semali angathandanga ukusidalula. Sixoxisana nalomfundi ogama lakhe lingu- Gugu Libambo, sizophinde futhi sikhulume nano Ngqongqoshe wasesifundazweni sase Mpumalanga.
#Amandlo omnotho no Gugulethu Xaba: kungahle kuvalwe ibhange Ithala
#Ezwenisakhile : Umphakathi wase Bhambayi eNanda enyakatho ne Theku ufuna kudedelwe abasolwa abawu 12 abasolwa ngokubulala amadoda amahlanu ngokubagenca ngo bhushi. Ngokwephephandaba i- Witness, lamadoda abeneminyaka engu 19 kuya ku 26, athunjwa emakhaya abo ngezintatha ngoLwesihlanu, izidumbu zabo zatholakala zindindilizile enkundleni yokudlala ibhola. Abasolwa bavele enkantolo ka mantshi yase Ntuzuma izolo nalapho kade kuqoqene amalungu omphakathi ebhikishela ukuthi badedelwe nge bheyili. IBhambayi ise Nanda okuyindawo ehamba phambili kuzwelonke ezibalweni zakamuva zobugebengu. Sixoxa no Blessing Nyuswa okhulumela umphakathi, sizobuye sikhulume nokhulumela amaphoyisa.
From the publisher's feed
Vee Mthembu and Mroza