
Sign up to save your podcasts
Or


KwabaseRoma 12:15,16 - Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo. Manibe nhliziyonye, ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.
Send us a text
Izaga 1:1-6 - Nazi izaga zikaSolomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israel, zokwazi ukuhlakanipha nokulaywa, nokwahlukanisa amazwi okuqonda, nokwamukela ukulaywa kube ngukuhlakanipha ,nokulunga, nokwahlulela, neqiniso, nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha, nezinsizwa ukwazi namasu, ukuze ohlakaniphileyo ezwe aqhubeke ekufundeni noqondileyo athole iziluleko ezinhle, ukuba aqonde izaga nezimfihlakalo, namazwi abahlakaniphileyo nezimfumbe zabo.
Send us a text
Dutheronomi 6:4,5 - “Yizwa, Israyeli: uJehova uNkulunkulu wethu, uJehova, munye; wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.
Send us a text
NgokukaJohane 19:25,26 Kepha kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina kanye nodadewabo kanina, uMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena. Kuthe uJesu ebona unina nomfundi amthandayo bemi ngakhona, wathi kunina: “Mame, bheka indodana yakho.”
Send us a text
1 KwabaseKhorinte 2:8,9 - Okungaziwa namunye wababusi balesi sikhathi; ngokuba uma bebekwazi, babengayikuyibethela esiphambanweni iNkosi yenkazimulo; kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu,uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.”
Send us a text
1 KwabaseKhorinte 2:7,8 - Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu emfihlakalweni efihliweyo uNkulunkulu akumisela ngaphambili kube yinkazimulo yethu, kusukela kwaphakade, okungaziwa namunye wababusi balesi sikhathi; ngokuba uma bebekwazi, babengayikuyibethela esiphambanweni iNkosi yenkazimulo
Send us a text
1 KwabaseKhorinte 2:6,7 - Kepha ukuhlakanipha sikukhuluma phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha kambe okungesikho okwalesi sikhathi nokwababusi balesi sikhathi, ababhubhayo. Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu emfihlakalweni efihliweyo uNkulunkulu akumisela ngaphambili kube yinkazimulo yethu, kusukela kwaphakade
Send us a text
IHubo 18:1,2 - Ngiyakuthanda, Jehova, mandla ami. Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.
Send us a text
IHubo 33:4-5 - Ngokuba izwi likaJehova lilungile; zonke izenzo zakhe ziyakholeka. Uthanda ukulunga nokwahlulela; umhlaba ugcwele umusa kaJehova.
Send us a text
1 Izikronike 28:9 - “Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.
Send us a text
From the publisher's feed
Ubani ongathi usuku nosuku alunazehlo ezishonisa phansi umphefumulo wakhe, zimshiye edidekile?
Kulesosimo kanye angikutshele ukuth sikulethele iZwi lomphefumulo eliyimzuzu emithathu Vo!…