Izwi eliFresh

Izwi eliFresh

By Christianityworks NPCReligion & SpiritualityChristianity
Download on the App Store

Izwi eliFresh episodes

  • Ubhabhathiso LukaMoya Ongcwele

    NgokukaMarkhu 1:7,8 - Washumayela wathi: “Emva kwami kuyeza onamandla kunami, engingafanele ukuba ngikhothame ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe.  Mina nginibhapathize ngamanzi, kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele.” 

    Send us a text

    3 min
  • Izinkinga Maziphenduka Izimangaliso

    NgokukaJohane  2:1,2,3 Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; wayekhona lapho unina kaJesu. NoJesu nabafundi bakhe babemenyiwe emshadweni. Kwathi ukuba lisweleke iwayini, unina kaJesu wathi kuye: “Kabanalo iwayini. 

    Send us a text

    4 min
  • Izithelo Zokuqondiswa

    KuMaHebheru 12:10,11 Ngokuba bona kambe basilaya izinsukwana njengokubona kwabo, kepha yena kube yinsizakalo, size sithole ukuhlanganyela ubungcwele bakhe. Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho. 

    Send us a text

    3 min
  • Ubufakazi Bokholo

    NgokukaJohane  14:21,23 Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”  UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye. 

    Send us a text

    3 min
  • Ukufa KuKhrestu Usuku Nosuku

    KwabaseGalathiya  2:20 Akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami. 

    Send us a text

    4 min
  • Isithako Sokuthula (3)

    KwabaseKolose  3:15 - Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo. 

    Send us a text

    3 min
  • Isithako Sokuthula (2)

    KwabaseKolose  3:12-14 - Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade,  nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.  Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.

    Send us a text

    3 min
  • Isithako Sokuthula (1)

    KwabaseKolose  3:12,13 Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade, nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani. 

    Send us a text

    4 min
  • Phakathi Esivunguvungwini

    Ihubo  46:1-3,10 UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu ;ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.Ngakho-ke asiyikwesaba noma kuguquka umhlaba ,nezintaba zidilika ekujuleni kolwandle ,nokuba amaza alo ehlokoma ,ekhephuza nezintaba zizamazama  ngokukhukhumala kwalo .

    Thulani niqonde ukuthi  mina nginguNkulunkulu ;ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe ,ngiphakame emhlabeni . 

    Send us a text

    4 min

About Izwi eliFresh

From the publisher's feed

Ubani ongathi usuku nosuku alunazehlo ezishonisa phansi umphefumulo wakhe, zimshiye edidekile?

Kulesosimo kanye angikutshele ukuth sikulethele iZwi lomphefumulo eliyimzuzu emithathu Vo!…